u-Advocate Andrew Chauke uxoshwe isigubhukane ngoMsombuluko ebusuku.
Image: X
Umengameli uCyril Ramaphosa usebenzise isigaba 14(3) esifundwe no-12(6)(a) weNational Prosecuting Authority Act, ukumisa uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eNingizimu Gauteng, u-Adv Andrew Chauke, ngokushesha njengoba kusalindwe uphenyo ngo-Adv Chauke ukuthi ukulungele yini ukuphatha.
Ngemva kokucela u-Adv Chauke ukuba anikeze izizathu zokuthi kungani kungafanele amiswe, umengameli Ramaphosa unqume ukummisa kuyisinyathelo esifanele njengoba kusalindwe uphenyo.
Umengameli Ramaphosa ubhale u-Adv Chauke etshela ngesinqumo sakhe futhi waveza ukuthi yena kanye nomphakathi bazohlomula ngophenyo oluzimele ngezindaba ezidinga ukucaciswa kanye nokuphikisana kwamaqiniso.
UMengameli ukholelwa ukuthi ukuqhubeka kuka-Adv Chauke njengoMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi - nakuba ebhekene necala elibucayi kuzophazamisa isithunzi seNational Prosecuting Authority wonkana. URamaphosa ukhathazekile futhi ngokuthi u-Adv Chauke ngeke akwazi ukufeza umsebenzi wakhe ngendlela efanele ngesikhathi ebhekene nophenyo.