Izindaba

Umlingisi ugonyuluke ngendawo ayilingisa kuGenerations

Charles Khuzwayo|Published

USANNAH Mchunu esalingisa indawo kaZodwa kwiGomora

Image: SIGCINIWE

UMLINGISI wodumo kwiGomora, uSannah Mchunu, ugeqe amagula ngendawo azoyilingisa kwiGenerations The Legacy kusukela ngoLwesithathu.

Ekhuluma kwiRadio 2000, uSannah (53), uthe abantu bazobona elingisa indawo ehluke kakhulu kwekaZodwa abemlingisa kwiGomora.

"Lapha ngidlala ngempela, uMzozo ngiyaqeda nya ngaye kuzosala uPhindi."

Uthe uzobe elingisa indawo kaSis' Phindi Nxumalo okuyintokazi yasemakhaya ezithobile futhi esagqoka ubukhaya.

"Ugqoka izingubo ezindala kunaye. Uphansi kodwa ungamnyatheli. UPhindi uzithoba kuphela emadodeni, omunye umuntu akalutho. Uma umbheka, ubona usisi ozethembayo kanti ngaphakathi ulimele uphelile kodwa uyaziqinisa ebantwini ngenxa yenkolo yakhe." 

USannah uthe uPhindi akazwani nomndeni wakhe ngenxa yokuthi ukhohlisekile."Walala nendoda yomunye womndeni. Manje usekhathele wukuthi le nto ibe yimfihlo. Usefuna le nto ithi bhaaa."Uthe okuningi abantu abakubuke kuSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku kusukela ngoLwesithathu. USannah uthe ngesikhathi efonelwa aziswa ukuthi udingeka kwinhlolokhono yeGenerations The Legacy kwaba sengathi uyaphupha.

 "Ngajuluka ngaba manzi, ngaguqa phansi ngedolo, ngathandaza. Ngamtshela uNkulunkulu, ngacela ukuba kule nhlolokhono ahambe nami."

Uthe kuwusiko lwakhe ukuthi njalo uma eya kwinhlolokhono angadli futhi angaphuzi namanzi. "Yingoba uma ngiya endaweni engiyifuna kakhulu, ngiyalamba. Ngicela uNkulunkulu ayisuthise ngoba ngiyayifuna."

USannah uthe nebala wafike wagadla kwezwakala emajajini.Uthe kwathi uma ebona kudlula izinsuku kungenzeki lutho, waqala watatazela, waphelelwa nayithemba.

"Uyazi-ke nawe ukuthi kulo mkhakha wethu kuthiwa "ungasifoneli sizokufonela."

Uthe ayikho into eyamjabulisa njengesikhathi ethola ucingo olwaluphuma kwabeGenerations The Legacy lumazisa ukuthi uthathiwe.

 "Ngajabula kakhulu ngithola into enkulu kangaka, kwaba sengathi ngiphezulu eSandton Centre," kuphetha uSannah ongasiqedanga isikole ngenxa yokuthi washesha wathola abantwana eneminyaka engu-14 njengoba esenezingane eziyisikhombisa.

Waqala edansela uBrenda Fassie ngaphambi kokungena ekulingiseni ngenxa yokugqugquzelwa ngobengumngani wakhe, uWinnie Khumalo.

Eminye imidlalo aseke walingisa kuyo kubalwa ethi End Game, Shabangu P.I, Stepfather Se Voet, Sticks and Stones, Amagugu, Gauteng Maboneng, Hope, Ihawu, Isibaya, It's Complicated, Keeping Score, Muvhango, Ngempela, Rhythm City, Ring of Lies, Ses' Top La, The River, Isipho, The Queen, Gomora neYoungins.

Emiqhudelwaneni aseke wahlabana kuyo kukhona iMzansi Viewer's Choice Awards emunxeni weFavourite Actress ngo-2022 nakwiNational Film and Television Awards emunxeni weBest Supporting Actress in a TV Series ngo-2024.