Izindaba

Izithombe zemicimbi Julayi 22

Zimbili Vilakazi|Published

BEKUSINDWE ngobethole emembesweni nomemulo kaNomusa Ngidi waseFolweni, eMangamazini. embeswa uMnuz Sandile Chiliza waseMazabekweni, eHighflats

Image: Sithunyelwe

KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected]. Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani? Umayelana nani? Ukuphi? Uma esithombeni kukhona abayisihlanu kuya phansi, sicela nibhale amagama nezibongo zomuntu ngamunye. Izithombe zemicimbi sezishicilelwa njalo ngoLwesibili.

BEKUKUHLE kudelile umndeni wakwaKhambule wemulisa amadodakazi awo u-Alwande noLuyanda KwaDunuse, eSt Faiths

Image: Sithunyelwe

BEKUHUTSHWA ingoma umndeni wakwaNgidi uvula amatshe kagogo wekhaya uFlorence Ngidi nomama wekhaya uNellie Ngidi enkonzweni ebihanjelwe yizihlobo, abangani nabebandla amaKhatholika aseSt Michael’s, eNdonyane

Image: Sithunyelwe

BEZIBUYA emcimbini kaSandile Dlungwana (ongakwesobunxele) waseSt Faiths Ophepheni, lapho abebonga khona impilo

Image: Sithunyelwe

IBE impumelelo imidlalo ebihlelwe owesilisa osemusha, uMsizi Msomi. Imidlalo ebizwa ngeYouth Soccer Tournament ibikwaHlathi, eMnambithi, kanti kunqobe i-Eskom Pirates iguqisa iSea Robbers kowamanqamu

Image: Sithunyelwe

BEKUKUHLE kudelile ememulweni kaNokwanda Moyomuhle Ndlovu obusekhaya kwaJobe eMfekayi, eMtubatuba, abazali bebebungaza uhlanganisa kwakhe iminyaka ewu-21 eseyintombi nto

Image: Sithunyelwe