UMNUZ Malesela Teffo uthi uyadingeka uKelly Khumalo enkantolo
Image: SIGCINIWE
OBENGUMMELI wabasolwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, usamile ekutheni umculi we-Afro pop uKelly Khumalo uyena ongufakazi ongasindisa abasolwa "ababhecwa ngobende".
U-Advocate Malesela Teffo ubephendula inkulumo kaKelly Khumalo ayenza ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine emuva kokuba uTeffo ekhulume ngaye kwiPodcast and Chill with MacG ngoLwesine. Uthe uKelly ubaluleke kakhulu kuleli cala ukuze kwenzeke ubulungiswa obudingwa ngabantu abaningi kuleli.
"Ngiyabona ukuthi uKelly Khumalo uzamile ukuphendula engakusho kwiPodcast and Chill ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa besingekho isidingo sokuzama ukuphendula ngoba angilwi naye. Engingakusho uKelly ungufakazi oqanda ikhanda kuleli cala likaSenzo Meyiwa. Siyamdinga ukuba azofakaza," kusho uTeffo ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe ngeke esasho lutho olungcofa uKelly ngoba uyadingeka ukuze kuvele iqiniso ngokufa kukaSenzo. Uthe uyazi ukuthi uKelly uyafuna ukuzofakaza kodwa wuMshushisi u-Advocate George Baloyi ongafuni ukubiza uKelly azofakaza. UTeffo uthe uyazi ukuthi uzobuyela kuleli cala futhi ngeke kuphele ngisho izinyanga ezimbili leli cala lingaphothuliwe ngoba unezinto eziphathekayo zokuthi kungani ethi ababoshiwe kabanacala.
"Ngiyazi ukuthi laba basolwa babekuphi ngesikhathi kwenzeka icala. Namanje sisebumnyameni ngokwenzeka ngalolu suku. UKelly noLongwe (Twala) abangasindisa lezi zinsizwa ekwahlulelweni ngendlela engafanele."
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, uTeffo wasola uKelly ngokubulala owayeyisoka lakhe uSenzo ngo-Okthoba 26, 2014. Ngokusho kukaTeffo, kwafika uLongwe Twala ethukuthele evutha, efuna ukwazi ukuthi owayeyintombi yakhe uZandie Khumalo-Gumede wayejola nobani kubangani bakaSenzo, phakathi kukaTumelo Madlala noMthokozisi Thwala. UTeffo uthe kwathi uma uZandie ethi akekho ajola naye, uLongwe wadubula phansi ngesibhamu i-38 Revolver kanti inhlasi izoshisa uZandie onyaweni.
"UKelly wabe esethi kuSenzo shona kuye. Nebala uSenzo wambamba uLongwe wamphuca isibhamu ngoba wayenamandla kunaye."
UTeffo uthe uSenzo wabe esethatha isibhamu esinikeza uKelly maqede wakhiphela ngaphandle uLongwe. Uthe uSenzo wabuya wafuna isibhamu kuKelly kanti uzothi uyamdlalisa ngaso, wamdubula ngempela inhlamvu yahlikiza iphaphu nehliziyo. Ubuye waveza ukuthi uKelly wayekhishelwe incwadi yokuboshwa njengomsolwa wesithupha kodwa wagcina engaboshwanga nabanye abasolwa abahlanu.
Eziphendulela, uKelly uthe usekhathele yizinkulumo zabantu zokuthi akabopheki. Uthe ngeke alokhu eya lena eya le noma amoshe imali eqasha abameli abazomkhulumela. "Udoti nje udoti. Uma ukholwa ngempela wukuthi ngakwenza lokho ongisola ngakho kulula, woza uzongibopha. Angikho ngaphezu komthetho."
UKelly uthe sekufike lapho ecikeka khona ngokuhudulelwa kwegama lakhe odakeni. "Kuyaphela manje. Lokhu kuhlanjalazwa kwami osekwenzeke iminyaka ngeminyaka, sekwanele. Uma ucabanga ukuthi ngiwumuntu wesifazane omfunayo, ngibophe. Akekho umuntu engimsabayo. Uma ungakwenzi lokho, hamba uyofa," kubhoka ngolaka uKelly ku-Instagram.
Kwenzeka lokhu nje, icala lokubulawa kukaMeyiwa kubo kaKelly eVosloorus, liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli. Abasolwa ekufeni kukaSenzo, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, ngoMuzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Ziphozonke Maphisa ngoSifisokuhle Ntuli. UTeffo wayemele abasolwa abane ngaphandle kukaNtuli.
Kelly Khumalo
Image: SIGCINIWE