Kube ngenyantisa igazi ingozi ebhubhise umndeni kuR66 eGingindlovu
Image: IPSS MEDICAL RESCUE
NgeSonto ebusuku, abezimo eziphuthumayo benkampani i-IPSS Medical Rescue ibizelwe engozini embi kakhulu, eyenzeke ku-R66, ngaseBhulohweni laseDokodweni.
Kule ngozi kushayisane izimoto ezimbili kwabhubha kushiye abahlanu, okungumndeni, kwabashonile kukhona nengane yabo eneminyaka emithathu nenye enezinyanga ezimbili ubudala.
Abanye abagibeli abangu-7 bathole ukulimala, izingane ezine, zonke ezineminyaka engaphansi kwengu-14 zilimale kanzima. Abalimele kanzima bazinziswe endaweni yesigameko ngabe-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support Paramedics, ngaphambi kokuba bathuthelwe ezikhungweni eziseduze ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.
Kubhubhe umndeni wabahlanu kwalimala kabi abanye abayisikhombisa
Image: IPSS MEDICAL RESCUE