UMNUZ Senzo Mchunu uthi usejahe ukuvela kwikhomishini
Image: Henk Kruger/Independent Newspapers
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli osanikwe ikhefu elikhethekile, uMnuz Senzo Mchunu, uphawule okokuqala ngezinsolo ezenziwa ngaye nguKhomishani wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi. Lezi zinsolo zithukuthelise abantu abaningi kangangoba iMK Party ize yahlela inhlabaluhide yamamashi kuleli sonto kwathi iDemocratic Alliance yavulela uMchunu icala.
Ekhuluma nabezindaba zakwaSABC ngoLwesihlanu, uMchunu uveze ukuthi umagange futhi usekujahe kabi ukuziphendulela kwikhomishini esanda kumenyezelwa wuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa. Ukhale kakhulu ngabezindaba abasole ngokuthi sebemhlulele engakaziphenduleli. Eqhuba, uthe udaba selikubameli bakhe okuyibo asebelusingathile.
UMchunu uthe yena umsulwa futhi uyaziphika izinsolo. Uthe sezenziwe izinsolo, sekuyisikhathi sokuthi kunikezwe ithuba abasolwayo ukuba bazikhulumele.
"Ngikulungele ukuziphendulela kwengisolwa ngakho." UMchunu ubekhuluma ngesikhathi kubungazwa usuku okwazalwa ngalo uMengameli wokuqala kuhulumeni oxube izinhlanga, iNelson Mandela International Day, kwenye inkulisa eseMpangeni lapho amalungu e-ANC esifundeni saseMusa Dladla, abegubha khona lolu usuku ngokupenda inkulisa. NgeSonto eledlule, uRamaphosa umemezele ikhomishini ezobe iholwa yiPhini leNhloko yamaJaji ebambile uMbuyiseli Madlanga, kwathi uSolwazi Firoz Cachalia, waqokwa ukuba abambe esikhundleni sikaMchunu njengoba kusaqhubeka uphenyo ngaye.
Izolo, iMK imashele e-Union Buildings eTshwane, ifuna uRamaphosa asule esikhundleni sobumengameli futhi ifuna kuboshwe wonke umuntu othinteka ezinsolweni ezashiwo nguMkhwanazi.
Okhulumela iMK Party, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, usabise ngokuthi uma luphela usuku lwayizolo uRamaphosa engasulile esikhundleni, bazokuya eNkantolo yoMthethosisekelo.
Le mashi iqale eChurch Square yadlulela ePaul Kruger, Frances Baard nasePark Streets. NgoLwesithathu leli qembu belimasha eThekwini lifuna kuhlukanwe phansi noMkhwanazi.
Kwenye imashi inhlangano iDefend South Africa nayo imashele ukuba uRamaphosa ashiye phansi. Ababhikishi bahlangane edepho yamabhasi akwaPutco endala eMarabastad, yanqamula emigwaqweni iStruben, Sophy de Bruyn noMadiba ngaphambi kokufinyelela e-Union Buildings.