Izindaba

Ubumnandi buzobuzwa eDundee kule mpelasonto

Simangaliso Ntshangase|Updated

ISILOMO sama-piano uMawhoo womunye wabazonandisa kwiDundee July namhlanje

Image: FACEBOOK

ABAKHONZE ubumnandi nabathanda ingqephu nesitayela kulindeleke ukuthi babheme bakholwe namhlanje nakusasa njengoba konke sekumi ngomumo ngomcimbi waminyaka yonke womjaho wamahhashi iDundee July, ezoba namhlanje Endumeni Racecourse, khona eDundee.

Kulo mcimbi obuya ihlandla lika-20 nonyaka, nokuzongenwa mahhala kuwona noqala ngo-9 ekuseni - kuzobe kunomqhudelwano womjaho wamahhashi, umqhudelwano wezemfashini ozobe uxutshwe nobumnandi bomculo wokujabulisa abantu abazobe bewuhambele.

Obhekele izinhlelo zemfashini yalo mcimbi uMnuz Xolani Zulu uthe konke kumi ngomumo futhi sebekubheke ngabomvu ukuqhuba izinhlelo zabo zemfashini ezosiza ukufukula intsha yakumasipala uMzinyathi, okwakhele kuwona le ndawo - ukuze ichume ngemfashini.

ISILOMO sikamaskandi uMthandeni SK womunye wabazonandisa kwiDundee July namhlanje

Image: FACEBOOK

"Nakulo nyaka sibuye nengqikithi yethu yemfashini ethi African Jewel, esiqhakambisa ngayo ubuhle bemisiko yase-Afrika, esizobuya nayo futhi ngonyaka ozayo njengoba sihlale senza ukuthi ingaguquki iminyaka emithathu. Kanti nakulokhu sibheke ukuqinisekisa ukuthi sihlomulisa abantu abasha abakhele le ndawo nezinye zakulo Masipala," usho kanje.

Eqhuba, uthe namhlanje njengenjwayelo bazokwenza umncintiswano wabo wemfashini, lapho okuzobe kuncintisana khona abasiki bengqephu abawu-10, okuzokhethwa kubona abenze kahle emunxeni we-Best Menswear, Best Womenswear nowe-Best Creative, bese beklonyeliswa ngemiklomelo ehlukene ezovezwa ngosuku lomcimbi.

ISILOMO sowokholo uJumbo womunye wabazonandisa kwiDundee July namhlanje

Image: FACEBOOK

"Simeme nabasiki bengqephu abaziwayo abayisishiyagalolunye, okukhona kubona abathathu baseDundee, bese kuba khona nasebezakhele igama endimeni oKwenzekile Nkomo weNdoni Fashion House noMakhosi Ntshangase weSistaz Felas - ongomunye wabadlule ezandleni zethu kwiDundee July. Sibamemele ukuthi babe khona ukubona okuhle okuzobe kwenzeka, futhi bakwazi nokucebisa abasafufusa abazobe bencintisana," kusho uZulu.

UPHROJUSA uKabza De Small kwabazonandisa kwiDundee July namhlanje

Image: FACEBOOK

Kuwo lo mqhudelwano wezemfashini, kuzobe kukhona nezitshudeni eziwu-150 zezikhungo zezemfundo ezahlukene ezicijelwa imfashini, nazo ezizothola ithuba lokuncintisana, bese ziklonyeliswa ngemiklomelo yokuzikhuthaza ukuzimela, nokuziphilisa ngokusika ingqephu.

UDJ Tira kwabazonandisa kwiDundee July namhlanje

Image: FACEBOOK

Indaba ayizukuphelela lapho njengoba kuzothi uma sekuphele umqhudelwano wamahhashi nokwezemfashini, kuqale ubumnandi kusukela ngabo-5 ntambama lapho okulindeleke khona ukuthi kunandise amaciko okubalwa kuwona uKabza De Small, Jumbo, Mawhoo, DJ Tira, Mthandeni SK, Duncan, Nomcebo Zikode, Kelly Khumalo, Limit, Goldmax nabanye.

Ukuthokozela lobu bumnandi kuzobe kumahhala kwabahlezi kwi-general, bese kuba wuR800 i-VIP, R1 300 i-VVIP no150 uma ufuna ukungena ne-coolerbox. Amathikithi atholakala eSpar naseTicketpro.