Izindaba

IMeya yaKwaDukuza incoma ukukhula komjaho wenkosi Albert Luthuli eGroutville

Nkosikhona Cele|Published

ONGOWESITHATHU kusuka kwesobunxele yiMeya yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi

Image: SITHUNYELWE

KUWUTHOBA amanxeba umphakathi waKwaDukuza kanye nomndeni wesishoshovu se-ANC, iNkosi Albert Luthuli ukuqalwa phansi kophenyo mayelana nokukhothama kwale ngqalabutho.

Lokhu kushiwo yiMeya yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi obekhuluma ngesikhathi kunomjaho oba khona minyaka yonke iLuthuli Walk okusuke kuhloswe ngayo ukukhumbula lesi sishoshovu.

ILUNGU lomndeni wakwaLuthuli uNkk Veli Luthuli

Image: SITHUNYELWE

ULuthuli owaba nguMengameli wokuqala we-ANC kuzokhumbuleka ukuthi wakhothama ngo-1976 futhi waba ngowokuqala ukuhlonishwa ngeNobel Peace Prize.

ABASUBATHI ebebengenele umjaho iLuthuli Walk

Image: SITHUNYELWE

UNgidi ukhuluma kanjena nje kulesi sigcawu esiphenya ngokukhothama kukaLuthuli kunofakazi woMbuso onguWarrant Officer Sanet Nel owaveza ukuthi uLuthuli washawa ngaphambi kokuba akhothame.Umjaho ubukade usuka eLuthuli Museum waze waphelela ezinkundleni zezemidlalo eziseduzane.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi siqhubeka eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isigcawu esimayelana nokukhothama kwale ngqalabutho esilumbaniswe nesokushona kukaMnuz Mlungisi Griffiths Mxenge.

Ekhuluma lapha uNgidi uthe kulokoza inhlansi yethemba kubona njengomphakathi waKwaDukuza ngokuthi kukhona okuhle nokuyiqiniso osekuzovela manje ngomnyombo wokukhothama kukaLuthuli.''Kusithoba amanxeba lapha KwaDukuza ukuzwa nje ukuthi uphenyo mayelana nokubulawa kukaLuthuli luqalwe phansi,'' usho kanjena.

Lokhu kunanelwe uNkk Veli Luthuli oyilungu lomndeni waKwaLuthuli olimise ngesihloko elokuthi bona njemgomndeni kabakaze nangelilodwa nje ilanga leli bakholwe ukuthi uLuthuli washayiswa yisitimela.Uthe ukuthi yonke le minyaka bebelinde isikhathi esifanele sokuthi iqiniso liziphumele lona. ''Manje ke yisona sikhathi ke lesi esesifikile sokuthi kuphume iqiniso ngokuthi kwenzekani kuLuthuli. Iqiniso ukuthi yinto engekho nje nhlobo le yokuthi washayiswa yisitimela kwakumane kukhohliswa thina nje sitshelwa lokho,'' usho kanjena.

Uthe njengamanje umndeni ujabule ukholwa ukuthi kukhona okuzovela okusha mayelana nokubulawa kukaLuthuli.Ubuze ukuthi uma ashayiswa yisitimela uLuthuli pho inxeba ayekade enalo ngemuva esiphundu kwakungelani ?Wabuza nokuthi uma umuntu efe ngokushayiswa yisitimela kungenzeka kanjani ukuthi afihlwe umzimba wakhe ungalimele kakhulu?''Ukube kuyiqiniso ukuthi wabulawa ukushayiswa yisitimela ngabe kwakhulunywa ukuthi umzimba wakhe uLuthuli walimala waphela. Kodwa kakungenjalo ngoba vele kukhona lokhu esifihlelwa khona ngokufa kwakhe,'' usho kanjena.

Bonke abasubathi ebebeyingxenye yalo mjaho uNkk Luthuli ubabongile kakhulu ngokuthi kube khona abakwenzayo ngenhloso yokukhumbula lesi sishoshovu.''Ngithanda ukubabonga bonke abasubathi njalo abaphumayo bezoba yingxenye yalo mjaho ngoba bayakuqonda ukuthi bakhumbula bani ngawo,'' usho kanjena.Abasubathi abenze kahle banikezwe izindondo. Lo mjaho ubuhlelwe ngokubambisana umasipala waKwaDukuza, iLuthuli Museuem, yiLembe Enterprise nabanye abaningi.