Kubhekwe abazowola izindondo emcimbini wanamhlanje
Image: Nqobile Mbonambi
NAMHLANJE uwafawafa kwabadlana imilala kumaSimon Mabhunu Sabela Awards eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini kusukela ngo-7 ebusuku. Kwabaqhudelanayo kubalwa uKwenzo Ngcobo, Baby Cele, Musa Mseleku, Melusi Yeni, Bheki Mkhwane, Nkanyiso Mchunu, Velile Makhoba, Sibusisiwe Jili, Nelisiwe Sibiya, Nqobile Magwaza, Nombulelo Mhlongo nabanye abaningi.
Omunye wabaqokiwe kulo mqhudelwano wezindondo obungaza amaciko aKwaZulu--Natal wuBandile "Dr Bone" Maphalala odabuka eBergville kodwa okhulele elokishini laseThekwini, iLindelani.
UDr Bone, wodumo lwengoma ethi Kazet nethi Fak'Umoya, ungene emunxeni weBest Supporting Actor, ngendawo kaHawu ayilingisa kuZalo. Kuleli qoqo udlana imilala nozakwabo u-Andile Mntambo noKennedy Stab weCala.
UDr Bone uthe kusho lukhulu kuye ukutonyulwa kulo mqhudelwano, "ikakhulukazi ngoba ngimusha ekulingiseni, kuphinde kube wukuqokwa kwami okokuqala emqhudelwaneni wezindondo. Ngikuthathe njengesibusiso esikhombisa ukuthi ngenza okuyikonakona."
Uthe ukuqokwa kukodwa kumenze wathobeka kakhulu.
"Zombili lezi zinsizwa engiqokwe nazo zinekhono ngendlela eyisimanga. U-Andile Mntambo besiyibambe naye kuZalo. Ngiyihlonipha kakhulu leya nsizwa nokuthi ingumuntu ebantwini." Omunye yintokazi ezakhele ugazi ngokulingisa kwiMbewu, uPortia Ncwane. Le ntokazi ithe kusho lukhulu nakuyo ukungena kulo mqhudelwano njengoba iqokwe eminxeni emibili, okungoweBest Documentary Feature Film noweBest IsiZulu Film ngefilimu esihloko sithi Tales of Zulu Folk Dancer | Igida Ngoma. UPortia uthe ukuthakasele kakhulu ukuqokwa eminxeni emibili. "Lokhu kusho ukuthi umsebenzi uyabonakala. Lama-awards azongigqugquzela ukuthi ngiqhubeke ngenze amanye amafilimu akhuluma ngokugcina nokuvikela amasiko ethu. Ngisesesigabeni esiphansi nocwaningo lokwenza u-part 2 weTales of Zulu Folk Dancer | Igida Ngoma ,futhi sisazoqhubeka sifake lo msebenzi ukuthi ubukwe waziwe nokuthi abantu bafunde kabanzi ngamagidangoma kodwa kade ngiqeda kwenza enye i-short comedy film ne-short documentary."
UPortia uthe ukuqokwa ngale misebenzi kumkhumbuza ukuthi yonke into inesikhathi sayo futhi kumgqugquzela ukuba aqhubeke nokwenza azalwa ekufumbethe, okuwukuxoxa izindaba. "Ngenza lo msebenzi ngokubambisana neSibani Media Productions ,Embo Films ,Nyachengos Films ,Thobela Khumalo, Talent Dube nobaba uGadla Nxumalo. Sawenza ngokubambisana ngenhloso yokukhombisa umlando nobuhle bengoma. Ngihlose ukuba ingoma ibe nomthelela entsheni yaseNingizimu Afrika." Eminxeni yonke seyiphelele kumi kanje.