Izindaba

Umkhuzi wamaphoyisa eKZN esebenza ngosuku lukaMandela

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umkhuzi wamaphoyisa eKZN uLT General Nhlanhla Mkhwanazi eSebenza ephawundini eSiphingo

Image: Saps

UKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uhlanganyele noMqondisi-Jikelele woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda (DPWI), uMnuz Sifiso Mdakane ekugubheni usuku lukaNelson Mandela esikhungweni e-SAPS Vehicle Pound eSiphingo, eningizimu yeTheku.

Usuku lwaqala lapho u-DG Mdakane ehlinzeka ngenqubekelaphambili ekuvuselelweni okuqhubekayo kwephawundi eyalimala kakhulu ngesikhathi sezikhukhula zango-2022.

UMqondisi-Jikelele uMdakane, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kanye nethimba lonke le-noDPWI ne-SAPS KZN bahambe bezungeza iphawundi ngaphambi kokwenza imisebenzi yosuku lukaMandela ehlanganisa ukupenda izindonga nokuhlanza igceke.

UMqondisi-Jikelele uMdakane uthembise ukuthi iSiphingo Vehicle Pound, engathwala izinkulungwane ezimbalwa zezimoto, izobuyela ekusebenzeni kwayo okuphelele futhi ethuthukisiwe ekupheleni kukaDisemba 2025, kanti ezinye izinsiza kusebenza ezibalulekile kulindeleke ukuthi ibuyiselwe ekupheleni kuka-Okthoba 2025.