Izindaba

Inhlupheko ibhalwe ebusweni kwabakhe phezu kwamathuna

Zimbili Vilakazi|Published

UKHONKOLO okufakwe kulo indishi yeDStv, wawuyisango okwakungenwa ngalo emathuneni asaphendulwa imijondolo eCoedmore, eSeaview, eThekwini

Image: SIBONELO NGCOBO

BAGUBUZELWE yifu lenhlupheko abangazi ukuthi liyogudluka nini, abagxumeke imijondolo yabo emathuneni aseCoedmore, eSeaview, eThekwini, abakhala ngokuthi bakhunjulwa kuphela ngabezepolitiki ababavakashela emathuneni uma kufanele babavotele. 

Kule mijondolo, okuthiwa yaqala ukwakhiwa kule ndawo ngo-1990, kuhlala imindeni engaphezu kuka-400, okukhona kuyo nezingane ezincane.

Uma ungena kule ndawo okuthiwa kwakungcwatshwa kuyo abomdabu baseNdiya eminyakeni eminingi edlule, ukhangwa amatshe amathuna, okwakhiwe phezu kwawo imijondolo.

UKHONKOLO obonakala phansi, la okugxunyekwe khona umjondolo wepulangwe, yitshe lethuna lapho kuhlala khona abantu abakhe phezu kwamangcwaba aseCoedmore, eSeaview, eThekwini

Image: SIBONELO NGCOBO

Kokunye itshe lethuna ulifica likugqolozele emnyango womjondolo, ngesikhathi kokunye ulifica liphakathi emjondolo, kuhanjwa okanye kulalwa phezu kwalo. 

Akekho osazihlupha ngokucabanga ukuthi lena yindawo yabalele.  

Ngisho nezingane ezisencane, uzifica zidlala, zigijimisana phakathi naphezu kwawo, zingazi nanyaka. 

Ngakwesinye isakhiwo, kunethuna okubekwe ikhabethe phezu kwalo, kuqotshelwa phezu kwalo ukudla.

AMANYE amathuna agqame kahle phakathi kwemijondolo yaseCoedmore, eyakhiwa phezu kwawo

Image: SIBONELO NGCOBO

Kukhona ngisho itshe lethuna elibhalwe ukuthi “Isikhumbuzo sikaS.C Chetty owashona ngoFebhuwari 9, 1941.

Omunye wabahlali, uMnuz Mzosindiso Mtheli, ongowokuzalwa eMthatha, e-Eastern Cape, uthe yena akasakhumbuli nokuthi wafika ngamuphi unyaka ngendlela asehlale isikhathi eside ngayo emathuneni.

Uthe zonke izingane ezikhona kule ndawo zazalelwa khona, wathi ezinye sezize zaqede ngisho isikole, ngesikhathi ezinye sezize zazala abazo abantwana.

AMANYE amathuna agqame kahle phakathi kwemijondolo yaseCoedmore, eyakhiwa phezu kwawo

Image: SIBONELO NGCOBO

“Kade safika lana. Izikhulu zikahulumeni ziyafika nazo zisithembise izulu nomhlaba bese kuphelela emoyeni,” kusho uMtheli.

Uthe kade befika, bababhalise, babathembise ukuthi bazokwakhelwa izindlu ndawana thize, basuswe emathuneni.

“Kunzima ukuhlala lana ngoba nemimoya yasemathuneni ayimihle. Siyahlala ngenxa yobunzima esibhekene nabo,” kusho yena.

AMANYE amathuna agqame kahle okwakhiwe imijondolo phakathi kwawo emathuneni aseCoedmore

Image: SIBONELO NGCOBO

Uthe okwabasusa emakhaya ukuzozama amatoho njengoba engabonwa amafemu ngasemakubo.

“Uma ulana akufani ngoba uyalithola lelo toho lezinsuku noma izinyanga ezimbalwa,” usho kanje.

Uthe abakufisayo ukuthi kufezekiswe izethembiso ezihlale zenziwa kubona njengoba nabo bengabavoti abavotayo uma kuwukhetho.

Uthe nabamaqembu ehlukene epolitiki bahlale befika ukuzobanxenxa ukuthi basukume bayovota njalo uma kuzoba wukhetho, wathi njengoba nabo bengabantu ababazisayo abantu abashonile, akumnandi ukuhlala emathuneni.

“Siyafisa ukusuka kule ndawo, siyohlaliswa kwengcono,” usho kanje. 

Omunye umhlali, uNksz Buyelwa Ncedo wakuTsolo, e-Eastern Cape, othe yena wafika endaweni ngo-1995, uthe izihlobo zabangcwatshwa emathuneni abakhe phezu kwawo, zeza zakhathala zifika sekwakhiwe. Uthe azisezi nhlobo.

“Zakhathala ngoba zazibona ukuthi ayikho indlela yokuthi zibone amathuna ezihlobo,” kusho uNksz Ncedo.

Uthe babengakaze babalwise noma babathathele izinyathelo ngoba babebona ukuthi le ndawo isiphenduke amakhaya abo.

Okhulumela uMphathiswa woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe usaxoxa no-Ayanda Msweli. 

“Bazohamba naye kanjalo nenhloko yomnyango bayobona khona. Okunye kuyomenyezelwa ngokubambisana neTheku,” kusho uSibiya.