Uveze injabulo yakhe eshadelwa UJunior Da Rocka
Image: Instagram
UDJ Wodumo lweGagasi FM ongubaba wengane kaNtando Duma unikele ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa injabulo yakhe.
UJunior Da Rocka ephumile esigabeni sokuba wumfana ethumela omalume ekhweni lakhe kwaDladla.
Iwelela kulezi sigaba-nje umama wengane yakhe ongumlingisi weShaka iLembe usanda kugana insizwa yaseLimpopo engumculi.
Le nsizwa yakwaMzizi ifake isithombe sosuku olukhulu esihambisana nomlayezo othi: "Mrs Me."
Akagcinanga lapho ngoba ubuye wabhala incwadi encane echaza usuku alithatha njengolwekhethelo empilweni yakhe.
“Ngiyabonga kum’dali, oMzizi oJama ka Sjadu okuyibona abangicelela eNkosini ukuthi ngihlangane nonkosikazi onje,” kubhala yena.