Izindaba

UNorma usezoqhubeka nokugeqa amagula kuTV

Charles Khuzwayo|Published

KWAKUSEMNANDI phakathi kukaMnuz Malusi Gigaba noNorma Mngoma besashadile

Image: SIGCINIWE

USAZIWAYO uNomachule "Norma" Mngoma, uzogeqa amagula ngokubhidlika komshado wakhe  kulandela ukukhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu kobengumyeni wakhe, uMnuz Malusi Gigaba.

Okhulumela iShowmax uKatlego Molubi uthe isiqephu sohlelo lwe-Untied okuzovela kuso uNorma sizosakazwa ngoLwesibili. Lezi zindaba uKatlego uzimemezele ngoLwesine.

"Uzokwabelana nababukeli ngomshado wakhe, ukudivosa kanye nangokuthi wawathola kanjani amandla okuvuka azithathe, aqale konke phansi," kusho uKatlego. Kwenzeka lokhu uGigaba, owayenguNgqongqoshe wezeziMali kuleli uvimbe ukusakazwa kwalesi siqephu ngoba esola ukuthi sizongcolisa igama lakhe elihle nesithunzi sakhe alwe kanzima ekukhanda kabusha emuva kokugqabuka kwegoda lomshado wakhe noNorma. Isolezwe lithole ukuthi inkantolo isichithile isicelo sikaGigaba ngoba abeMultiChoice bathe kuzobe kungekhona okokuqala uNorma ekhininda izindaba ezaba yimbangela yokuphela komshado wabo.

UGigaba ubesaba kakhulu ukuvela kwezindaba zomjolo wakhe kanye nezokuputshuka kwe-video lapho avela ekhombisa omunye umuntu wesifazane ubuntu bakhe obabuchocha. Umdidiyeli omkhulu futhi ongumsunguli we-Untied, uGreame Swanepoel uthe besesiside isikhathi ubuhlungu babantu besifazane buhlungwa, buthanjiswa noma buvalwa umlomo emphakathini.

"Lolu hlelo lubanikeza umbhobho wokukhuluma ubuhlungu babo, ukwelapheka, ukukhula nenkululeko yabo," kusho uGraeme. Abanye ababoshelwe kulolu hlelo ngoDawn Thandeka King, Zandi Nhlapo, Mona Monyane, Beverly Stein nabanye.