NGIZWE MCHUNU
Image: SIGCINIWE
MKHULEKO HLENGWA
Image: sigciniwe
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM kodwa osengumengameli wamabhinca, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, useveze ukuthi uselala obenyoni emuva kokuba ongumkhulumeli weNkatha Freedom Party abuye abe yiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, emsasazele ngamalungu aleli qembu. UHlengwa umemezele komunye umcimbi weNkatha ukuthi uNgizwe useyisitha sokuqala seNkatha futhi isenzo sakhe sesidinga ukuthathelwa isinyathelo.
"Mnuz Mchunu, siyiNkatha sinomyalezo owodwa ocacile kuwe, khuzeka mfana. Yazi indawo yakho nemithetho yezwe," kusho uHlengwa. Lo mholi ukhulume kanje emuva kokuba uNgizwe sekukaningi ehlasela leli qembu nabaholi balo abathize, ebachapha nangenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma kwiNgizwe Online, uNgizwe uthe yilezi zinsongo neminye imiyalezo ayitholile emenza athuke izanya aze avulele uHlengwa icala lokumsabisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseDurban North, eThekwini, aphenya icala lokusabisa kulandela isigameko okusolwa ukuthi kunendoda eyasatshiswa wumuntu oyaziyo ngoJuni 29, eMhlanga kulo nyaka.
UNgizwe uthe usehlaselwe kaningi, emizini yakubo nakwakhe uqobo. Uqhube wathi uqale wafonelwa wumkakhe emazisa ukuthi kwakhe kufike abantu abazibize ngamaphoyisa behamba ngemoto eyiPolo.
"Ngiphinde ngafonelwa wumshana wami komunye umuzi wakithi ethi kufike imoto eyi-Almera. Uthe kwehle abantu ababili, kwathi abanye basala emotweni. Uthe bafike bangibuza maqede bathi 'ngiyohamba ngisinda."
UNgizwe uthe ziningi izinsongo azitholile ngemiyalezo nangama-video. esongelwa abantu. Uthe omunye wabo wuHlengwa, abelokhu embiza nge-sta... mbu. Uthe yingakho ethathe isinqumo sokumvulela icala uHlengwa ngoba wafunga ukuthi uzovikela amalungu omphakathi kodwa sekunguye osemsasazela ngamalungu e-IFP.
Uveze ukuthi uHlengwa akanalo ilungelo lokuthi kufanele lapho amalungu eNkatha embona khona ambulale. "Uthi angihlaselwe, ngibulawe. Uthi abangithume uphuthu, ngibulawe. Luyagoqozwa olwami uphuthu. Namalungu eNkatha ekade ngawagcina, amatasatasa afunana noNgizwe."
Uthe okumxakayo wukuthi yena uyayithanda iNkatha ngoba wakhuliswa ngayo, wafundiswa iyona ngamasiko nobuntu futhi nomsunguli wayo, uMntwana waKwaPhindangene, uDkt Mangosuthu Buthelezi, wamnikeza izibusiso. "Wawukuphi wena?"
Uthe yena ngeke asatshiswe ngoba unelungelo njengomengameli wamabhinca nesakhamuzi sakuleli. Eqhubeka uNgizwe uthe iNkatha ihlulwa wumsebenzi ilibele ukulwisa yena nokuthi ilokhu ithi uthengwe ngabathize.
Ubalule ukuthi yinqwaba yemikhandlu engaphansi kwabaholi beNkatha engasenamali, abale kuyo iJozini, Umhlathuze, Zululand, Uthukela, Newcastle, Umthonjaneni nowaseMajuba.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaHlengwa ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Nomyalezo athunyelwe yona akayiphendulanga.