Izindaba

Ubhale incwadi exwayisa ngobungozi bezidakamizwa entsheni

Simangaliso Ntshangase|Updated

UKUBHOKA kwesihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa emphakathini - ikakhulu okwenziwa yintsha nomthelela walokho empilweni yayo - kwenze umbhali futhi oshicilela izincwadi wabhala incwadi ukuzama ukwexwayisa abangakangeni kule nkinga.

UMnuz Siyabonga “Siya” Mabaso ubhale wakhipha incwadi esihloko sithi Unbroken Futures: The Journey Away From Drugs, akholwa wukuthi izoba wusizo kakhulu ukuzama ukulwa nenkinga yesihlava sezidakamizwa entsheni, okuze kwenze ukuthi abanye babo bonelwe ikusasa labo, bagcine bengafikanga ndawo empilweni, abanye bafe nokufa imbala.

Engxoxweni neSolezwe ngale ncwadi, uMabaso uthe iqale ukutholakala ezinyangeni ezintathu ezedlule, kanti ukuyibhala kwakhe kusukela ezintweni nasezimweni akhule ebuka zenzeka emphakathini, ezinye zazo ezenzeka kwinsizwa akhule nayo, okonakala ikusasa layo laphela nya ngenxa yokuluthwa nokubuswa yizidakamizwa ezahlukene.

UMNUZ Siyabonga 'Siya' Mabaso ubhale incwadi esihloko sithi Unbroken Futures: The Journey Away From Drugs

Image: SITHUNYELWE

“Kwangikhathaza kakhulu ukubona umuntu engimaziyo ephelela emoyeni kanjena engasafikanga ndawo nempilo ngenxa yengcindezi yezidakamizwa, angena kuzona ecindezelwa ngabangani abangalungile abamfaka kuzona. Indlela impilo yakhe eyajika ngayo ngomzuzwana nje, waze wafa ebulawa wumphakathi umsolela ukweba, nakho ayekwenzela ukuthola imali yokuthenga izidakamizwa, kwawuphula kakhulu umoya wami, kwenza ngafisa kube khona engikwenzayo ukunqanda ukudloba komonakalo,” usho kanje.

INGAPHANDLE lencwadi kaMnuz Siya Mabaso ethi Unbroken Futures: The Journey Away From Drugs

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe encwadini yakhe udidiyele izeluleko zokuxwayisa kakhulu abantu abasha abangakangeni kulolu gibe, ukuthi bangalinge baqale ngoba umthelela walo ungenza ukuthi impilo yabo iphelele emoyeni, bagcine bengafezanga lutho lwabebezifisela khona empilweni.

“Lokhu ngibona kuzosiza kakhulu ukunqanda umonakalo futhi kungasiza nokwehlisa umthwalo kothisha nabazali, okuyaye kugxekwe bona uma sekukhona okungahambi kahle empilweni yomntwana osuke esengenwe yizidakamizwa,” kusho uMabaso.

Lo mbhali udabuka eMpophomeni, eHowick, kanti manje uzinze eRichards Bay, enyakatho yaKwaZulu-Natal ngomsebenzi. Le ncwadi yakhe ibiza u-R179 no-R49 i-ebook kwi-website ethi: www.manoebooks.com/unbroken, kanti ingeyesibili njengoba eyokuqala esihloko sithi Dream Chasers After High School, ayikhipha ngo-2017.