Izindaba

AbaseBuhleni kwaShembe bathi phansi amaphaphu ngendawo iNtanda

sabelo mbatha|Published

Aphansi amaphaphu ngendawo yaseNtanda kumaNazaretha aseBuhleni

Image: ISITHOMBE: SIGCINIWE

KUBE yizindaba ezimnandi kumaNazaretha aseBuhleni ukuthola ukuthi asenayo indawo angayisebenzisa njengoba kungena umhlangano kaJulayi ngenyanga ezayo. Kuleli sonto kube nemibiko yezinguquko ezingase zibekhona kulo nyaka ezinhlelweni zaminyaka yonke zomhlangano kaJulayi emva kokuba amaNazaretha aseThembezinhle aholwa yiNkosi Phinda "UKukhanyakwelanga" Shembe, ethenge indawo iNtanda, eNdwedwe, ebisetshenziswa abaseBuhleni abaholwa yiNkosi Mduduzi "uNyazilwezulu" Shembe. 

Obekudala ungabazane ngezinhlelo zabaseBuhleni wukuthi le ndawo ibisetshenziswa yizintombi zalolu hlangothi ukukha izintingo eziyiswa oNyazini uma kuqala umhlangano kaJulayi. Izintombi ziya eNtanda zihamba nabaphathi bazo, zifike zikhe izintingo, zilalele izwi futhi zilale khona. Ngakusasa zivuka ziye eBuhleni zethule izintingo kuNyazi, ziviliyele.

Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe awehle amaphaphu ngoba sebetholile ukuthi abaseThembezinhle abayithathanga yonke indawo.

"Thina sinelethu ipulazi leNyangayezulu, bona bathenge leli elinye. INtanda inkulu kakhulu kukhona nepulazi leNkosi iNyangayezulu (AK Shembe) neleNkosi iLanga (JG Shembe), angiboni kuzoba khona inkinga ngoba kuhlukanisa imigwaqo, kunemingcele. Njengamakholwa sonke thina eBuhleni nabo eThembezinhle, angiboni siba nokushayisana, bathenge ingxenye yepulazi kuphela," kusho uMncwabe.

Uthe balinde izwi loNyazilwezulu abazozwa ngalo yonke into. "Munye umshayeli womkhumbi oya ezulwini, uyangena umdedele mhla ka-1, akuphazamiseke lutho phansi amaphaphu," kuphetha uMncwabe.

Uthe kulolu daba kumele kugadwe kungaqanjelwana amanga.

UMshumayeli uChancey Sibisi waseThembezinhle, uthe kwasekuqaleni kabaze bavimba muntu ukuya eNtanda. "Ukuthi izintombi bezingeke zingene (eNtanda) konke lokho asikwazi ngoba asikaze sihlale phansi sixoxisane njengabantu bomndeni owodwa," kusho uSibisi.

Uvumile ukuthi bathenge indawo eyingxenye yeNkosi iLanga, wakuchitha akubize ngamanga ahubhuzwayo ukuthi inkosi yamaQadi ihlangene noqashe ipulazi babadayisele indawo yeNyangayezulu wathi babhecwa ngobende.

"Lawo amanga abhebhethekisa okomlilo wequbula, umuntu angayidayisa kanjani indawo okungeyona eyakhe. Nami ngake ngasolwa ngokudayisa ipulazi ngibhecwa ngobende, ngiyazibuza ukuthi yiliphi lelo pulazi?"