UKWENZA kahle ehlandleni lesibili engenele umqhudelwano womgijimo waminyaka yonke kwenze isitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) sakholwa wukuthi kukhulu esisengakuzuza kule ndima uma siqhubeka sizimisela futhi sigxila kule ndima ngokugcwele.
Lowo wuNgceba Kenisa (29), ongomunye wabawu-22 baseDUT abebengenele lo mjaho obusuka eMgungundlovu, uya eThekwini, nonyaka. Bekungokwesibili engenela lo mncintiswano, akuchaze ngokuthi kube yimpumelelo enkulu kuyena eqeda ngesikhathi esiwu-7:55:01, kusuka esikhathini asenze nyakenye esiwu-11:50:00.
Lesi sitshudeni saKwaGezubuso, e-Elandskop, ngaseMgungundlovu, senza unyaka wokugcina wezifundo zobuthishela ophikweni lweDUT Indumiso, khona eMphithi. Sithe ukwenza kahle ngale ndlela kusikhuthaze ukuthi siqhubeke nokugxila kwezokugijima ngokugcwele manje, ukwenzela ukuthi sigcine sikwaze ukunqoba lo mqhudelwano.
ISITSHUDENI saseDUT, uNgceba Kenisa, ngenkathi egijima kwiComrades Marathon ngeSonto
Image: SITHUNYELWE
“Ngizibona ngidlondlobala futhi ngithuthuka kakhulu kule ndima kangangokuthi manje amehlo ami asethe njo ekutheni ngiqhubeke nokugijima ngokugcwele futhi sengivele ngixoxile nomqeqeshi wami ukuthi indlela esizivocavoca ngayo ngifuna ukuthi ishintshe kangakanani, ngenzela ukuzicijela ukuthi ngidle umhlanganiso weComrade eminyakeni ezayo,” usho kanje.
ISITSHUDENI saseDUT, uNgceba Kenisa, ngenkathi egijima kwiComrades Marathon ngeSonto
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe okunye okwenza aqine isibindi futhi kunyuke nezinga lokuzethemba kulokhu wukuthi njengoba ehlale ezihlupha ukucwaninga ngabagijimi aseke badla umhlanganiso kulo mqhudelwano wukuthi uqaphele ukuthi iningi labo lisuke lisesigabeni seminyaka akuyona.
“Lokho kwenza ngibone ukuthi nami uma ngingakhela kulokhu esengikuzuzile kule ndima, kusukela manje ngingakwazi ukufeza okukhulu engizifisela khona ngokugijima, kangangokuthi ngikulungele nokubeka eceleni kancane umkhakha engiwufundele ukuze ngiqhubeke nezemidlalo ngokuphelele nangokugcwele,” kusho uNgceba oyilungu leqembu labagijimi bakulesi sikhungo iDUT Athletics Club.