Basale enkundleni abasolwa abathathu akagqekeze umuzi eSandton
Image: x
ABASOLWA bebehamba ngemoto yohlobo lweVW Polo enezinombolo zaseFree State abasolwa abathathu abadutshulwe babulawa amaphoyisa kuN1 phakathi wemigwaqo uRivonia noWinnie Mandela, eGoli.
Kuthiwa abasolwa bagqekeze umuzi oseSandton,
Okhulumela amapoyisa eGauteng uLt Colonel Mavela Masondo uthi bathole umbiko ngabasolwa abagqekeze umuzi eSandton bathatha impahla kanjalo nemoto yohlobo lweVW Polo ngaphambi kokuthi babaleke ngale moto nenye yohlobo lweToyota okuthiwa bebehamba ngayo.
"Abasolwa bafe ngesikhathi bedubulana namaphoyisa, ababili bafele emotweni oyedwa wafela emgwaqweni njengoba ubesephumile ezama ukubaleka," kusho yena.
Uthi umbiko wokuqala uveza ukuthi imoto ebihamba abasolwa iyathinteka emacaleni amaningi okugqekeza kule ndawo.