Izindaba

Ungisheba nentombi MaGumede, ngenzenjani?

Distance Gumede|Published

Sengikhathele abanakwethu abaningi

Image: Sigciniwe

Umbuzo:

NGIYABINGELELA MaGumede nabathandi bekhasi lakho, ngicela ungifihle. Ngithandana nowesilisa unyaka ngowesine. Akaze angithole ephutheni kodwa yena kuyenzeka ngimbambe ngoba uma esenentombi osisi banokungithuka. Ngahlala naye ngamtshela kuthi ngicela angihloniphe, angiyithandi le nto yokuthukwa ngoba nami angithuki muntu.

Ngisho ifoni yakhe angiyazi nokuthi ivulwa kanjani ngoba ngazitshela kuthi angizanga kuyo kodwa ngeza kuye. Kwaba sengathi uyezwa kodwa kulo nyaka kwenzekile ngakhulelwa ngamtshela, wangaba nankinga nalokho.

Kuthe ngoMashi, waphinda wathola enye intombi nayo iyangithuka. Inkinga kuyangehlula ukumelana nayo ngamagama. Ubhuti lona ubakhona edlini ngezimpelasonto ngenxa yomsebenzi awenzayo, manje akasakwenzi lokhu, useba nale ntombazane. Akasenaso isikhathi sami, ngicela ningibonise, kungabe kusawuthando lolu noma sengithandana ngedwa?

Impendulo:

SAWUBONA sisi wami, angifuni ukudlala ngawe dadewethu. Indoda yakho ayizwa, ayikuhloniphi futhi ayinandaba nawe. Le nto eyenzayo ikhombisa ngokusobala ukuthi ayikukhathalele nakancane, kubi ngoba njengamanje ukhulelwe futhi-ke kulesi simo obhekene naso akudingeki ube nomzwangedwa ngoba uzamile ukubonisana nayo kodwa yangakulalela.

Ngicela uzenzele umusa ntombazane ukuze ubelethe kahle, vele uzithulele uzibukele. Uma kungukuthi nihlala ndawonye, ngicela uke uhambe uyoshaywa umoya ekhaya kini, uyishiye ngokuthula ngoba vele kanishadile. Kuyacaca ukuthi indoda yakho ayizimisele ngokushintsha, kunalokho yenza izinto zibenzima kakhulu kuwena, ikakhulukazi njengoba uzithwele. Yebo, ngiyazi uyayithanda kodwa manje awusahlukile nomuntu othandana yedwa. Mhlawumbe uma umshayisa ngomoya kancane, ingqondo izovuleka.