Izindaba

Ungqoklozwe ngenhlamvu okuthiwa ubeduna izimoto ashumayeze abantu

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMPHO ‘Sdomane55’ Ntloge odutshulwe wabulawa ngoMsombuluko, eBlock D eMabopane isithombe: FACEBOOK

IPHENDUKE ihlaya eyokubulawa kowesilisa waseGa-Rankuwa onqoklozwe ngenhlamvu elokishini laseMabopane, ePitoli.

UMpho “Sdomane55” Ntloge, uchazwe njengomuntu obesecike abaningi ngokuduna izimoto nokuhlukumeza umphakathi.

Ngesikhathi kuvela izindaba zokudutshulwa kwakhe esendaweni ewasha izimoto eBlMabopane, bambalwa abafake izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngesihluku abulawe ngaso.

Abaningi babone ejezela izono zakhe.

Ngo-2021, uSdomane kuthiwa waduna imoto yowesifazane eFourways, eGoli, maqede wafaka umbhalo ezinkundleni zokuxhumana emi ngaphandle kwayo, enxusa abantu ukuba bangawabukeli phansi amaphupho abo ukuze ahambisane nempilo abayiphilayo, bazithuthukise.

Lo wesifazane wafaka isithombe semoto yakhe eyebiwe nezinto ezenziwa uSdomane, ethi uzwe ubuhlungu obumangalisayo.

Isithombe sowesifazane owadunwa imoto ngo-2021.

“Lo webe imoto yami, maqede ukhangisa ngayo ezinkundleni zokuxhumana ephethe nezinto zami echoma,” kukhala owesifazane.

USdomane ubehlala ekhangisa impilo yobukhazikhazi ezinkundleni zokuxhumana, abuye abhale nemibhalo eyakhayo, egqugquzela ukufezekisa amaphupho abo. Ubethi akanaso isitha, uzwana nawo wonke umuntu kodwa uma umvezela ubunjalo bakho, naye uyashintsha.

Yize ingaqondakali imbangela yokubulawa kwakhe kodwa imibiko evela endaweni yesigameko, ithi yimpilo yomsebenzi wakhe eholele ekutheni oshayasibhamu bamhlasele emini bebade.

Amaphoyisa asePitoli athi aphenya icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu okwamanje.