Izindaba

Abefundisi baqinisa idolo abadlule ezimeni ezinzima nonyaka

Nkosikhona Cele|Published

UMFU Collins Dhlomo webandla iCFCI

KULABO abazobe bedla uKhisimusi okokuqala abathandiweyo babo bengekho, abefundisi bamahlelo ahlukene bathi yize kuzobe kunzima kodwa imindeni ingakhohlwa wukuthi uNkulunkulu uhlale ehamba phambili. Bathi kukhona indlela azobesula ngayo izinyembezi.

UMbhishobhi Nkosinathi Ndwandwe oyiNhloko yebandla lamaSheshi kwiSifundabhishobhi saseNatal, uthi izimo ezinzima abantu abazithole bebhekana nazo nonyaka, abanye zibahlubulile. Eqhulwini ukhulume ngomonakalo omkhulu odalwe yizikhukhula.

UMFU Olga Dlamini onguMengameli wamaWeseli kwiSekethe yaseNdulinde

“Sengathi uNkulunkulu angaba nabo kulesi sikhathi sokujabula. Sinxusa ukuthi baduduzeke kakhulu labo bantu abazobe bedla uKhisimuzi okukuqala ngaphandle kwamalungu awo ahambe ngezikhukhula,’’ kududuza uNdwandwe.

UMfu Collins Dhlomo webandla iCovenant Fellowship Church Internatonal (CFCI), uthe uNkulunkulu useduzane nalabo bantu abanhliziyo zabo ziphukile.

Wathi nakulo Khisimusi bakhulekela sengathi uNkulunkulu angababopha ngebhandishi likaMoya oyiNgcwele bonke labo bantu abalahlekelwe yizihlobo zabo ngezikhukhula.

UMBHISHOBHI Nkosinathi Ndwandwe oyiNhloko yamaSheshi kwiSifundabhishobhi saseNatal

“Sinethemba ngoba uJesu wazalelwa ukuba asisuse enhluphekweni,’’ kuchaza uDhlomo.

NoMfu Olga Dlamini webandla lamaWeseli onguMengameli weNdulinde Circuit ngaphansi kweNatal Coastal naye uhambe emazwini abo.

Uthe lona kube wunyaka onzima kakhulu kubantu abaningi. Wathi kodwa likhona ithemba ngoba uNkulunkulu uhlale njalo enabo abantu ngezikhathi zonke.

“Yize zibe nzima kakhulu izikhathi esibhekane nazo kulo nyaka kodwa manje okumqoka ngukuthi sonke samukele ukuzalwa koMntwana uJesu. Sonke masibe nethemba elikhulu lokuqala kwezinto ezinhle,’’usho kanjena.

Bonke abefundisi bathe ngalesi sikhathi, abalahlekelwe kumele besuleke izinyembezi, esikhundleni sokukhala, bakhumbule izikhathi ezinhle nezimnandi abababe nazo nababashiyile emhlabeni.

Banxuse nabantu abazobe besondele kakhulu kwabalahlekelwe ukuthi belule isandla. Uma kukhona abalahlekelwe ngabebebondla, babenze bangasizwa leso sikhala ngokuthi babathengele uKhisimusi, kukhanye nasemakhaya abo ngalesi sikhathi.