Izindaba

UMntwana uNtandoyenkosi uphawula ngesinqumo senkantolo

Published

ISilo uGoodwill Zwelithini nendodakazi yakhe uMntwana uNtandoyenkosi

USEPHAWULE kabanzi ngesinqumo senkantolo uMntwana uNtandoyenkosi Zulu, ongomunye wwabebefake icala ngombango wasendlunkulu.

Izolo, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe isinqumo ngesicelo samazinyane eSilo uMntwana uNtandoyenkosi Zulu nodadewabo uMntwana uNtombizosuthu Zulu-Duma bekhala ngobuqiniso bencwadi yeSilo uZwelithini yamafa.

IJaji uMjabuliseni Madondo liveze ukuthi mathathu amacala aseNdlunkulu azokhishelwa izinqumo ngokulandelana kwawo.

UMadondo uveze ukuthi amazinyane eSilo akwazile ukuveza ngokusobala ukuthi ukusolisa kwale ncwadi kunothelela kubo ngqo. Uthe ukuphambana kwemibono kongoti bokusayina kwenza ukuba leli cala lidluliselwe phambili ekuqulweni ukuze kuphunywe nesinqumo esifanelekile.

“Ungoti oyedwa ubonisa ukuthi ukusayinwa kwale ncwadi akufani kodwa omunye uthi ngesikhathi ebhekisisa kahle, kucacile ukuthi yisandla somuntu oyedwa obesayina. Lokhu kusho ukuthi leli cala kufanele liqulwe ukuze kuphume isinqumo okuyisona sona,” kusho uMadondo ngesikhathi ekhipha isinqumo sakhe.

Ekhuluma nabezindaba namhlanje, uMntwana uNtandoyenkosi uthi bafaka izicelo ezimbili enkantolo.

Isicelo sokuqala esomshado kanina uNdlunkulu uSibongile MaDlamini Zulu abebefuna ukuthi kugcizelelwe ukuthi yiwona wodwa osemthethweni ngoba washada umshado ohlanganisa amafa. Isicelo sesibili ngesobuqiniso bencwadi yamafa ngoba kube khona imibandela engabagculisi.

"Le ncwadi yamafa ibinombandela othi noma ngubani ophikisa le ncwadi akazukuthola lutho, okusho ukuthi mina nodade sesivaleleke ngaphandle,“ kusho yena.

Uthi lokho kukodwa kubasolise kakhulu ngoba akuyona into ebingashiwo nguyise ngoba wayengeke athi uma kukhona omela iqiniso lakhe ngento angayizwa kahle akazukuthola lutho. Uthi yingakho bathola ungoti wezokusayina ukuthi ubheke ubuqiniso bale ncwadi.

Ungoti abamthola waveza ukuthi into efanayo kulokhu, yipeni elasetshenziswa kuphela kodwa ukusayina akufani. Yingakho babone kungcono ukuthathela enkantolo.

Ebuzwa ukuthi bazosiphikisa na isinqumo senkantolo ngodaba lukanina, uthi akazukuphawula kangako lapho ngoba abameli babo basanda kuwuthola umbhalo wenkantolo, bebengakabonani nabo.

Ebuzwa ngodaba lokuthi iSilo sizalwa uNdlunkulu owalotsholwa yisizwe, uthi akayazi leyo nto futhi ubeqala ukuyizwa. Uthi lolu siko abafunzwa lona beyisizwe sakwaZulu lungaba nomthelela omubi ngokuzayo.

“Umndeni ubungakahlangani ukukhulume ngokuthi ngubani ozothatha ubukhosi. Ngaleyo ndlela ubuhlungu ukuthi umfowethu uMntwana uMisizulu usevumele ukubizwa ngoBayede ngoba akwenziwa lokho. Ngisho neSilo uZwelithini asibizwanga ngoBayede singakagcotshwa,” kusho yena.

UMntwana uNtandoyenkosi uthi akuyona inkantolo ekhetha iSilo kodwa ngumndeni othatha leso sinqumo ngokuvumelana.

LOLU DABA LUYAQHUBEKA EPHEPHENI LAKHO LAKUSASA