Izindaba

Umaskanda usatshiswa yintombi nge-video enqunu

Khethukuthula Sangweni|Published

UMASKANDA uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, usatshiswa yintombi ngokuthi izokhipha ivideo yakhe enqunu, uma engafuni ukuyinika imali Isithombe : FACEBOOK/QHOSHA

KHETHA SANGWENI

UHLALELE ovalweni umculi kamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, emuva kokuthi intokazi abejola nayo kudala, imsabise ngokuthi akakhiphe uR 5 000 kungenjalo izodedela ivideo yakhe enqunu.

UQhosha uneke inkulumo kwiFacebook lapho intombi imfuna ngoshova imali, naye eyitshela ukuthi ayihambe ishone ngeke ayinike. Emuva kwalokho uQhosha ubhale ukuthi okumkhathazayo wukuthi ivideo yathathwa “igeja selilele”, okungasho ukuthi induku yayilele.

UQhosha ufanise isimo naleso esehlela uMfundisi uSthembiso Zondo, ngesikhathi kukhishwa ivideo yakhe enqunu. Isolezwe ngeSonto linayo imiyalezo kaQhosha exoxa nale ntokazi ebizwakala imshubisela ifuna imali. Ebuzwa uQhosha uvumile ukuthi uyayazi intombi futhi inayo ivideo yakhe enqunu, eyayithatha besajola.

“ Wumuntu engangithandana naye kudala cishe ngo-2016 ngathi ngilele wenza ivideo ngingaboni. Ngimtshelile ukuthi akaqhubeke mina anginandaba. Uthe esuka wathi ubengidlalisa, ngiyabona ubecabanga ukuthi ngizotatazela ’’ kusho uQhosha.

Ngesikhathi ethintwa uZanele Duma, okuthiwa usabisa uQhosha uthe ubemncokolisa umaskanda ubengazi ukuthi usengatshela izintatheli. Akakuchithanga ukuthi nguyena owabhalela uQhosha umyalezo efuna imali.

“ UQhosha usengaze aye ezintathelini mina ngangimncokolisa, ake ningiyeke bakithi sengifile yizingcingo zezintatheli. Ngisemsebenzini, ngiyacela bhuti niphume kimi zintatheli, mina ngangimthusa nje uQhosha yena wavela wangifaka kwiFacebook. Uyangixaka uma esegijimela ezintathelini ngibe ngisho ukuthi bengidlala,’’ kusho uZanele, eziphendulela.

UMASKANDA uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, usatshiswa yintombi ngokuthi izokhipha ivideo yakhe enqunu, uma engafuni ukuyinika imali Isithombe : FACEBOOK/QHOSHA
UMASKANDA uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, usatshiswa yintombi ngokuthi izokhipha ivideo yakhe enqunu, uma engafuni ukuyinika imali Isithombe : FACEBOOK/QHOSHA