Izindaba

UMsholozi uyohlezi ewubaba kithi: owe-EFF

Samkelo Mtshali|Published

UMNUZ Jacob Zuma namhlanje ohlangana noMnuz Julius Malema

USIHLALO we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Vusi Khoza uthi akaboni lutho olubi ngomhlangano wowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema.

UKhoza uthe noma engakwazi konke abazobe bekudingida kodwa ubalulekile umhlangano ophakathi kwalaba baholi ngoba bazokhuluma ngenhlalakahle yezwe .

“Banomlando omude, uMsholozi siyohlezi simthatha njengobaba kithi sonke futhi akukho okubi ngokuhlangana naye. UMalema useke wahlangana neNkosi Mangosuthu Buthelezi waphinde wahlanga neSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini phambilini,” kuchaza uKhoza.

UKhoza uthe ubuholi be-EFF abuchazelwanga kabanzi ngomhlangano kaZuma noMalema kodwa ubuholi besifundazwe buyaziswa uma uMalema ezovakasha esifundazweni.

“Sizolindela umyalelo kumholi wethu, uma efisa simphelezele sikhona sizomphelezela, kodwa uma efisa kube wudaba lwangasese oluphakathi kwabo bobabili njengabaholi, sizosihlonipha naleso sifiso.”

Namhlanje ekuseni kubonakale izimoto okukholakala ukuthi bezigibele ubuholi be-EFF ziyongena kubo kwaZuma eNkandla.

Umhlangano kaZuma noMalema ulandela isinqumo salowo owayengumengameli kuleli sokungalubhadi kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ekhala ngokucindezelwa kwamalungelo akhe.

Esitatimendeni asikhiphe ngoMsombuluko uthe akakwesabi ukuboshwa uma kuyisifiso seKhomishini ukumbopha.