Izindaba

I-IFP yemukele abavela kwiNFP

Simphiwe Ngubane|Published

USIHLALO we-IFP oThukela uMnuz Mbuzeleni Mkhize emcimbini wokwamukela amalungu amasha eNkatha eMtshezi ngempelasonto USIHLALO we-IFP oThukela uMnuz Mbuzeleni Mkhize emcimbini wokwamukela amalungu amasha eNkatha eMtshezi ngempelasonto

IQEMBU i-IFP oThukela lamukele amalungu amasha aqhamuka kwiNFP emcimbini obuseLoskop, eMtshezi, ngempelasonto.

Amalungu amasha angu-86 amukelwe wuSihlalo we-IFP oThukela uMnuz Mbuzeleni Mkhize benoMnuz Thamsanqa Ntuli onguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal.

Umsakazi wezindaba kwi-IFP oThukela, uMnuz Bongani Ngubane, uthe banohlelo oluqalwe wuMkhize lokunxenxa amalungu amasha eNkatheni.

Uthe babheke kakhulu ukubuyisela ezandleni zeNkatha uMasipala waseThukela njengamanje uholwa yi-ANC kusukela ngo-2011.

UNgubane uthe umkhankaso wabo bazowuhambisa eBergville, eMnambithi nasezindaweni eziningi ezingaphansi kukaMasipala uThukela.

“Iningi lamalungu amasha abuyele ekhaya ngoba vele ayengamalungu ethu. Sizonxenxa namalungu aqhamuka kwezinye izinhlangano zezepolitiki. Sijabulile ngokwamukela amalungu amasha eqenjini esithemba nokuthi namanye azolandela,” kusho uNgubane.

UNobhala Jikelele we-NFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe ubengakezwa ukuthi kukhona amalungu alahle phansi kwiNFP. Uthe uzoqale athole incazelo egcwele ebuholini beqembu eMtshezi ukuqinisekisa lokhu. UMdletshe uthe isikhathi esiningi amaqembu amukela amalungu awo, enze sengathi aphuma kwamanye amaqembu ezepolitiki.

“Besingakezwa into enjalo, asikwazi ukuvuma noma siphike. Asikho isidingo sokushiya iNFP ngoba iyiqembu elivulelekile umuntu uyalalelwa uma kukhona engeniselekile ngakho. Umuntu ujoyina iNFP ngokuthanda kwakhe uma esebona ukuthi akufezekiswa ayekujoyinele yona, uvumelekile ukuthi angashiya. Kona akukuhle ukubona umuntu eshiya iqembu ingalungiswanga inkinga yakhe ngoba nabanye singababona sebelandela,” kusho uMdletshe.

Uthe nabo banohlelo lokunxenxa amalungu amasha kwiNFP nalawo ashiya emva kwefu elimnyama elagubuzela iNFP yangangena okhethweni lwamakhansela ngo-2016.

Lokhu kwadalwa wukuthi yahluleka wukukhokha imali yokungenela ukhetho ngesikhathi esasibekiwe yi-IEC kodwa yangenela ukhetho lwaseNquthu kuphela.

“Sixoxa nabaholi abathile esizobethula emphakathini maduze. Abanye balaba baholi bamele amaqebu abo esiShayamthetho. Abantu bazobuya kwiNFP ngoba yilona lodwa iqembu elivulelekile amalungu alo ananezinombolo zocingo zikamengameli nobuholi obuphezulu ukuthi babike izinkinga,” kusho uMdletshe.