BAHLEZI lubhojozi osomatekisi bakasoseshini iDolphin Coast emuva kokubulawa kwePhini likaNobhala kasoseshini, uMnuz Dicky Govender, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu nenkosikazi yakhe ngoMgqibelo ebusuku.
UGovender, omunye wabasunguli bakasoseshini iDolphin Coast, udutshulwe emuva kokudutshulwa kukaMnuz Nhlanhla Lephalo oyilungu lekomidi osinde ngokulambisa ngesikhathi edutshulwa esendleleni ebheke ekhaya ngabo -8 ekuseni ngamadoda abehamba nge-Audi emhlophe.
UMnuz Sunshine Mthiyane, obhekelele ezokuxhumana kwiDolphin Coast, uthe badinga kungenelele uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngoba ayaphela amalungu abo.
“Asazi ukuthi adutshulelwani amalungu ethu kodwa esikuqaphelayo wukuthi kubulawa abantu abasekomidini likasoseshini. Kudutshulwe uSihlalo wethu ngonyaka odlule kanti ngesonto eledlule kudutshulwe uNhlanhla Lephalo naye oyilungu lekomidi njengoba sekubulawa uDicky. Siphatheke kabi ngoba asazi ukuthi kwenzekani, sicela uKaunda angenelele ngoba siyaphela.”
ULieutenant Thulani Zwane, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala emuva kokudutshulwa kukaGovender obengusomatekisi nomkakhe ngoMgqibelo ngabo 7.45 ebusuku.
“Indoda nomkayo bebehamba emgwaqweni * -R102 phakathi kweShakaskraal noThongathi ngesikhathi bephambana nezimoto ezidedele inhlamvu. Indoda ishonele khona lapho, umkayo ushonele esibhedlela. Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala, akekho oseboshiwe.”
UMnuz Kwanele Ncalane obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi
KwaZulu-Natal, uthe ungqongqoshe (Kaunda) ukhathazekile ngokubulawa kwabaholi bemboni yamatekisi ngakho usejube ithimba elizophenya ngakho.