Izindaba

Kuphela amaphupho kwabaqhudelana kokaTshatha

Charles Khuzwayo|Published

TSHATHA NGOBE

Image: FACEBOOK

KUPHELA amaphupho emacikweni adlana imilala kwiTshatha Music Festival eseLindizwe Stadium, KwaNongoma namhlanje.

Abaculi babanga isiteki sika-R175 000. Kuvalwe ukuvezwa kwemiphumela kusahamba phambili umculi uMthembeni Samuel Zulu kodwa exinwe ezithendeni wuMfo kaMsezane.

Umgqugquzeli walo mcimbi, uKhathide "Tshatha" Ngobe uthe umculi ozodla umhlanganiso uzoklonyeliswa ngo-R100 000, ozolala isibili awine u-R50 000 bese ophume endaweni yesithathu athole u-R25 000. Abanye abaculi abadlana kuCategory 1; ngoNtencane, Stabilithi, Mdumazi, Jaiva, AmaNND, Maganga, Mayoghurt, Khandalenja, Mbeje, Swidi, Mjolisi, Ijongelihle, Cmbero, Masampula, Magoqa, Kasi Shandisi, Mlabalaba, Njabulo Langa, Mashelela, Nqola, Mashwabana noSokolisa.

KwiCategory B kuqhudelana abalawuli bezinhlelo futhi babanga isiteki sika-R160 000. Kulesi sigaba kuvalwe ukuvezwa kwemiphumela kuqengqeleza phambili uBhutiza Wodumo kanti isibili bekunguZama Mseleku. Umphathi wohlelo ozophuma phambili uzokhala amuke nesamba sika-R80 000, isibili sihambe no-R50 000 bese isithathu sihlabana ngo-R30 000.

Abanye abaqhudelana kulo munxa ngoMsakazi Ongadumile, Isihlulampisi, Ndu Zuma, MC Ishinga LasoLundi, Modelikazi, Zama Mseleku, Welcome Ntombela, Kiss Before, Londi Gazu, Mtshali Ongenamoto noMafresh. UTshatha uthe umlandeli ovote kakhulu uzohlabana ngomkhalekhukhwini nesithole.

Izithameli zizozibonela ngawazo amaciko ahlukahlukene eshiyelana inkundla okubalwa kuwo uBig Zulu, Mthandeni SK, Khuzani, Jumbo, Mayoghurt, Dladla Mshunqisi, Swidi Gcabashe, Mbeje, Bahubhe, Malini, Somnandi, Mafikizolo, Dumakahle, Stabhilithi, Inkosi Yamagcokama, Ntencane, Ijongelihle, Njabulo Langa, Sminofu, Gatsheni, Limit, Maganga nabanye.

Amathikithi asatholakala ezitolo zakwaShoprite, Pick n Pay, SPAR naseComputicket kusukela ku-R100.

BIG ZULU

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

SWEET GULUVA

Image: Instagram

DLADLA MSHUNQISI

Image: Instagram

UJUMBO

Image: SIGCINIWE