UMBUSO Khoza eyibambe neSwiss band Mats-Up kwiNational Arts Festival
Image: PHANDO JIKELO/INDEPENDENT MEDIA
UMBUSO Khoza ongezwa mshini ngokuhuba amahubo nezingoma zasekhaya agcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi kuphathiswe okwezikhali zamaNtungwa
Image: SITHUNYELWE
UMBUSO Khoza yindoda ekhuluma amazwi anesigqi somlando esinomongo nenjula yamasiko. Usezakhele udumo ngomculo omtoti, nangokuxoxa ngomlando, uyahlonishwa ngolwazi lwamasiko olumenze umuntu anguye namhlanje.
Njengoba elungiselela ikhonsathi yakhe Amahubo Symphony ezobe iseConstitution Hill eGoli mhla ka-28 Septhemba, uKhoza uxoxa ngohambo lwakhe, izingqinamba adlule kuzona, umithelela womsebenzi wakhe nombono okuyiwona oqhubeka nokuba ngumhlanhlandlela endleleni yakhe.
Ukuqala kwakhe ukuzibandakanya nomculo kwaqala emicimbini yoiphakathi nasemndenini wakhe.
“Ukuqala kwami ukugqugquzeleka ngomculo ngiyakhumbula ukuthi kwaqala ngesikhathi ngibona amabutho ehaya ingoma emicimbini nalapho amantombazane asemancane ayehuba uma kunemicimbi yomemulo. Abesifazane abadala babeculela izingane imilolozelo. Ngagqugquzeleka kanjalo ke.”
Esakhula emndenini okhonza eSalvation Army naseNazareth Baptist Church, uKhoza wayefunda izihlabelelo ezifana noHow Great Thou Art nosikompilo olwahlukile lwendumiso yakwaShembe. Ekuhambeni kwesikhathi wabe eselalela umculo kaVuyo Mokoena, lokho kaba yisiqinisekiso kuKhoza sokuthi umculo ungaphezulu kothando lwawo .”
Ukhoza uthe umculo wakhe ngeke uwuhlukanise nosiko lakwaZulu, olungumgogodla wawo.
“Umthelela wamasiko akwaZulu emculweni wami uhambisana nokukhuthazwa kolimi . Ngikhule ngesikhathi lapho abantu bebezigqaja ngokusebenzisa ukujula kolimi nezingathekiso. Ngesikhathi ngiba wumbhali womculo, ngathatha umlando njengengqophamlando yezehlakalo kanye namasiko, okuyiwona olawula indlela engibhala ngayo, indlela engizwakala ngayo nendlela engicula ngayo.”
Umculo kaKhoza usujiyise emidlalweni yethelevishini eminingi yaseNingizimu Afrika okubalwa kuyona Umkhokha: The curse” neShaka ILembe okudingeke ukuthi ngayo akwazi ukuhlanganisa amasiko nobuciko.
“Ngesikhathi uDuma Ndlovu engithinta mayelana noMkhokha, wathi ngingumuntu ofanelekile ukuba kuwona ngoba nginomlando wakwaShembe futhi nginolwazi ngolimi. Kwakumele ngihloniphe isonto ngoba ngokuthatha umculo wakhona, ngase ngiqopha umculo owawuzwakala ufana futhi ovusa umuzwa ofanayo kubalandeli. Ngenza ucwaningo olubanzi ukuze ngiqinisekise ukuthi isigqi kanye nohlobo lomculo kuyefana.”
Ukuzibandakanya kwakhe neShaka iLembe kwakuqondene naye ngqo. Ukhoza uthi abaphansi bakubo babesebenzisana neNkosi uShaka, ngakho-ke omunye umlando wayewazi.
“Ngesikhathi abadidiyeli bomdlalo beza endaweni yokuqopha, babesazisa ngezigcawu zomdlalo. Ukwakha umculo ohambisana nendikimba kwakuletha impikiswano enkulu, kepha sasiwukhipha umculo ogcwele ithemba, isiphetho kanye nohambo lukaShaka.”
uKhoza uthi usebenzisa indlela yakudala ukukhiqiza umnkenenezo omnandi. Lokho kumenza azizwe eyicilongo lomhlaba. Uqhube wathi umculo kanye nokuxoxa izindaba ngeke ukuhlukanise. Elinganisa ngosiko lwakudala lapho ogogo babexoxa izinganekwane, uthi ngesikhathi belandisa babephinde bacule ngesikhathi esisodwa.
Ukuqala kukaKhoza ukuqopha izingoma enzela imidlalo kwakungesikhathi eculela umdlalo kaLeon Schuster, iMama Jack. Ngokuhamba kwesikhathi wasesebenzela phesheya kwezilwandle lapho aba ngumqophi ngokugcwele.
“Kwakungasho ukuthi kumayelana nokuhlakanipha, kwakungokuqhubeka nalokho okwakwenziwa ngabaphansi. Nasenkundleni yaseshashalazini, kusuka eGreece kuya eRome, amasiko ayemayelana nezingoma nezindaba. Imilolozelo yethu yayimayelana nezepolitiki kepha yenziwa sengathi yizingoma ezenzelwe izingane.”
Ukhoza uthi imilolozelo, Amahubo nezingoma zasekhaya, kubalulekile ukuthi kugcinwe kahle. Uma konke lokho kungagcinwa ngokuthi kubhalwe phansi, abantu bayoqhubeka nokucabanga ukuthi umculo wesintu unamadimoni futhi awufanelekile ukulalelwa.
Ukulingisa kuyibumbe kakhulu inkambo kaKhoza.
“Ukulingisa kwenza abantu baxhumanise izwi lami nobuso bami. Kunikeza ukujula bobumina njengeciko. Ngikhuthaze abanye ozakwethu kwezomculo ukuba bazame ukulingisa namanye amakhono ukuze bangasali ngesikhathi amanye amaciko asemancane ethuthuka.”
Emcimbini lona kuzobe kukhona nokudla kwesintu ukukhuthaza impilo emphakathini nokuxoxa ngomlando wasekhaya, amadlozi nomvelingqangi.
“uzobe ungumcimbi ongafani neminye eyake yabakhona yalolu hlobo” kuchaza uKhoza.
“Sifuna ukuvuselela imvelaphi siphinde sithuthukise ukuphila komqondo.”
Mhla ka-28 Septhemba, uKhoza uzosingatha Amahubo Symphony. Kule khonsathi kuzogqama izingoma zasekhaya zesintu, imilolozelo, imithandazo, namahubo ahlelwe okokuqala nguSiyanda Zulu.
UKhoza ukhuthazwa wukukhula komculo waseNingizimuj Afrika, kepha uqwashisa ngokulahlekelwa wukujula komculo.
“Kusuka kumbhaqanga, kuMahotella Queens, kuya emculweni wekwaito kuze kufike kulona wemanje ama-piano, uhambo luyathembisa, kepha sidinga kwengezwe izikole zezinkondlo. Izinkondlo ziyindlela ekuvumela ukuthi ukwazi ukusho lokho okungashiwo. Ngaphandle kwezinkondlo, izingoma zisenkingeni yokuzithola ziphindaphinda into eyodwa isikhathi esingangemizuzu emihlanu. Kumele sihlole ukuthi yini lena esiyizibayo ngoba inkungu iyosiholela ekusaseni esingalazi.”
UKhoza uke wabhekana nezinkinga zezikweletu, ngenxa yokungabi nomholo oqondile. Lokho kwaholela ekutheni abe nokhwantala, kepha wanqoba. Ukunqoba kumenza akwazi ukukhuluma ngakho ngokukhululeka ukuze aqwashise nabanye.
UKhoza ukhumbula impilo yakhe esaneminyaka engu-47 lapho ayezizwa emusha kakhulu kunakuqala.
“Anginawo umdlandla wezinto esezedlula. Ikusasa alikho lana. Sinalomzuzu nje kuphela wokuphila. Umculo wami umayelana nokuphila kulo mzuzu ngokugcwele.”
Uma eseqedile ngaMahubo Symphony, uKhoza uzoqala umklamo Umsuthu Mental Space uokuyiindawo lapho abantu bezokhuluma khona ngokhwantalala nokukhathazeka ngokweqile. UKhoza uhlela nokuvula isikhungo sezobuciko eGoli esizoqeqesha abantu abasha sibahlomise ngolwazi oluqondene nendabuko, ulimi lwesiZulu, ukulingisa, nokufundiswa ngomculo. Abazothweswa iziqu bayothola izitifiketi ezisemthethweni.
“Ngifuna abazongixhasa. Lesi sikhungo yiwona msebenzi engigxile kuwona.“
Uthe ifa lakhe kumele libe ngeqiniso, ubumnene nokwamukelisa.
“Ngifisa ukushiya umphakathi obunjwe ngeqiniso nangobumnene. Ingane eqeqeshwe yimi kumele ikwazi lokho.”
Izingoma ezikhethwe nguLutho Pasiya ezingomeni zikaMbuso Khoza ongazithokozela: