Owama-piano 'uzincoma' ngokushaya into ecokeme endimeni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wama-piano u-Aymos usematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Masipala Womdantso

Image: FACEBOOK/AYMOS SHILI

"UKUHLALE uphokophelele ukushaya into ecokeme emsebenzini owenzayo kwenza ukuthi kwesinye isikhathi ugcine unganaki ubuhle nobuningi bezinto osuzenzile ngobuciko bakho, okungenza ukuthi ligcine lishayeka indiva nakuwena uqobo iqhaza olibambile kokwenzayo."

Usho njalo umculi wama-piano ongomunye wabangaconsi phansi kule ndima u-Aymos, ngenkathi elandisa ngokwenze wakhipha ingoma yakhe entsha futhi eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Masipala Womdantso, ayishaya ngokubambisana noMas Musiq noLawd Weezy.

Enaba ngomcabango wale ngoma ephume ngo-Agasti 8, u-Aymos ogama lakhe lokuzalwa wuBabili Shili, uthe uqoke ukusebenzisa ubuciko bokuveza nokuqhakambisa ukuthi izinga lakhe seliphezulu kangakanani kule ndima yomculo, njengoba ezibona ukuthi usalokhu eyibamba kahle kusukela eqala ukugqama kwezobuciko eminyakeni emihlanu edlule.

KUSUKELA kwesoknxele wuLawd Weezy, Aymos noMas Musiq bengoma yama-piano esematheni kulezi zinsuku ethi Masipala Womdantso

Image: FACEBOOK/AYMOS SHILI

"Yingakho ngisebenzise leli gama elithi umasipala, ukucacisa ngendlela ehlukile yobuciko bokuveza nokucacisa ukuthi izinga esengilona manje liphezulu kangangokuthi ngingazifanisa nomuntu ophethe nowengamele umphakathi njengobuholi bomasipala wezindawo nje ezahlukene, esaziyo ukuthi kusuke kubhekwe wona ezintweni eziningi, nami engisho khona ukuthi kwezobuciko bomculo izinga lami ngilibona selikuleso sigaba uma ngibheka ubuningi bezingoma ezimnandi engibe neqhaza kuzo ezijabulisa abalandeli bomculo," kusho yena.

Uthe lokho akakukhulunyiswa wukuzithwala noma ukuzikhukhumeza kepha yingoba eqonda ukuthi uma uliciko eligxile entweni eliyenzayo nelishisekela ukwenza kahle, kuyenzeka ukuthi ezinye izinto ungazinaki - okungenzeka nokuthi nabantu noma izinhlaka ezithile okumele ngabe ziyakutusela lokho, zimane ziwuhlabe inhlali nje, zingayingeni nhlobo.

"Ngale kwalokho ngizoqhubeka ngishisekele ukuba ngcono kakhulu kunengiyikhona manje futhi mningi omunye umculo wamaciko ehlukene, engingabala kuwona uThukuthela, Jazzworx nabanye abaningi, engizozwakala maduze ngishaya into ecokeme ezingomeni abangipike kuzona, ngibe ngiqhubeka ngipheka umculo wami engizowukhipha uma sengibona ukuthi sekuyisikhathi esifanele ngoba angifuni ukujaha ukuhlale ngikhipha njalo, nginendlela yami yokukhipha umculo ngezikhathi ezithile uma kufanele," kusho u-Aymos.

Leli ciko laseThembisa, eGoli, linama-albhamu amabili athi Yimi Lo yango-2021 neyanyakenye ethi Impilo - kanti lizakhele udumo ngezingoma esingabala kuzona ethi Mama, Lyf Styl, Fatela, Izenzo, Amabhoza nethi 10K Wezinkomo ukukha nje phezulu.