USONIA Mbele onguphrojusa we-The Real Housewives of Johannesburg ubonge uNkulunkulu ekutheni ekugcineni lube yimpumelelo
INTOKAZI eyazakhela igama ekulingiseni uSonia Mbele, ibonga uNkulunkulu ngokuphumelela kohlelo enguphrojusa walo olususelwa kolwaphesheya kwezilwandle, iThe Real Housewives of Johannesburg.

Lolu hlelo olukhuluma ngempilo yabesifazane abangosomabhizinisi futhi abaphila kahle luzoqala ukukhonjiswa kwi-1Magic,ngo-Agasti 3, ngo-7 ebusuku.

Ebhala enkundleni yokuxhumana i-Instagram ngalolu hlelo, uSonia uthe lolu hlelo luzobe luqukethe ubumnandi bodwa.

“Leli icebo likaNkunkulu konke kungamandla akhe,” kubhala uSonia ngamafuphi.

Izintokazi ezizobonakala kulolu hlelo kukhona u-Evodia Mogase nendodakazi yakhe uMercy Mogase, uBrinnette Seopela, Naledi Willers, Christall Kay noBusisiwe Ter Mors odume ngelikaLendy.

UReneilwe Sema ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwi-1Magic, uthe laba besifazane bazokhombisa ngemizi yabo nemicimbi ephezulu abayihambayo ababizwa kuyona eGoli.

“Sijabule ukulethela ababukeli lolu hlobo lohlelo lwakuleli olukhonjiswa phesheya kwezilwandle. Lolu ngolunye lwezenze kahle phesheya kwezilwandle ngakho ababukeli balesi siteshi bazobukela into abazoyithanda futhi emnandi kakhulu,” kuchaza uReneilwe.

I-THE Real Housewives of Johannesburg okuwuhlelo lwabesifazane abangosomabhizinisi futhi abaphila kahle izoqala ukukhonjiswa kwi-1Magic,ngo-Agasti 3, ngo-7 ebusuku

Uthe usuku lwangoLwesihlanu luzoba ngolujabulisayo kubalandeli balolu hlelo njengoba bezobona kulandelwa lezi zintokazi zenza izinto ezehlukene.

“Abantu bazoyithanda indlela lezi zintokazi eziphila ngayo, izinto nazo ezizithandayo, abantu ezibukela kubo njalo usuku nosuku,” kuphetha uReneilwe.