UKUBA sebhizinisini akufani nokuqashwa lapho wazi khona ukuthi ngosuku oluthile uyahola.
UNksz Ntombenhle Claudia Mtolo, waseCato Manor, ongumnikazi wenkampani yezokwakha iMbokodo General Trading, uthi uma usukhethe ukuzimela kumele wazi ukuthi usuku lokuhola kuyenzeka lungabi khona kwenye inyanga.
Inkampani iyona yodwa esungulwe ngumuntu wesifazane ezinkampanini eziwu-30 ebezinikezwe umsebenzi wokwakha iDurban Beach Front Promenade eyethulwe ngokusemthethweni ngeledlule.
UNksz Mtolo ubekade enguthisha eKhulangolwazi Special School, eMontclair, ngaphambi kokuthi agxile emabhizinisini ohlelweni lukamasipala weTheku lokuthuthukiswa kosomabhizinisi abangabakhiqizi. Ukhiqiza osofa aphinde abe nenkampani yokwakha.
Uthe eseyekile emsebenzini wabona ukuthi kumele azibambe ziqine angene kwezokwakha.
Ubeqashwe yinkampani iStefanutti Stocks Holdings Limited efaka osinki bokugeza izandla ezindlini ezincane endaweni ebiyakhiwa ebhishi.
Umsebenzi wakhe bekungukukwakha izinsimbi ezitshikitshelwa odongeni uma kufakwa osinki.
“Wumsebenzi odinga ubuchule bokuthi ukwazi ukudweba bese unikeza inkampani ekuqashile uhlelo onalo lokwenza umsebenzi. Onjiniyela bahlale bekhona bekubheka ukuthi umsebenzi owenzayo yiwona yini lo othe uzowenza futhi usezingeni eliyilo yini,” kusho uNksz Mtolo.
Uthe ukwenza i-design kuyefana njengoba kuyinto ajwayele ukuyenza uma ekhiqiza osofa.
“Kube lula ukudweba ikhabethe lasendlini encane kodwa kudingeke ngicabange ngijule uma sekufanele ngakhe udonga olwakhiwe lwaba yindilinga ngoba bekudingeka izinsimbi zakhiwe zigobe zilandele udonga. Akubanga lula kwazise nesikhathi esibekiwe sokuthi ngiqede ngaso lo msebenzi bengibona ukuthi sesisondele. Abaphathi bami beneliseka yindlela engiwenze ngayo umsebenzi wami kodwa mina bengingenelisekile ngoba ngibona sengathi indlela okwakhiwe ngayo ingaba nengozi yokuthi uma sekuxebuka kuwe i-granite iwele phezu komuntu ozosebenzisa ithoyilethi,” kusho uNksz Mtolo.
Uthe indlela abakhe ngayo iyona esetshenziswayo ngoba i-granite ayishiselwa kodwa iyananyathiselwa ngokuthile kodwa yena ubecabanga ukuthi asikho isiqinisekiso sokuthi kuzonamathela isikhathi esingakanani.
“Ngibuyele kubo onjiniyela ngabatshela ukuthi ngibone amanye amathoyilethi asanda kwakhiwa abeseqala ukuxebuka manje angifuni ukuthi umsebenzi wami wonakale, ngifisa ukufaka ezinye izinsimbi ezizokwenza ukuthi noma kuxebuka kungenzeki iwele phansi. Bajabula ukuthi ngiqhamuke nesu elingakaze lisetshenziswe kodwa bakhathazeka ngokuthi isikhathi kasisavumi kodwa bathi uma ngiqala phansi ngenze isiqiniseko sokuthi ngiqeda ngesikhathi. Ngaqala phansi ngasebenza ubusuku nemini ngenzela ukuthi ngiqede ngesikhathi esibekiwe. Kabakholwanga sebefika bezohlola umsebenzi wami, befika sengiqedile ekubeni isikhathi bese sisincane.”
Uthe umsebenzi wokwakha osofa uwuqale esasebenza kodwa wabona ukuthi ukusebenza kumenza angakwazi ukwenza lokho akucabangayo ebhizinisini ngoba kunesikhathi angakwazi ukuba kulo ngaso.
“Abaqashi nabo kuyabaphazamisa ukuba nomsebenzi onebhizinisi lakhe eceleni ngoba uhlale efuna isikhathi sokwenza izinto zakhe, yingakho ngibone kungcono ukuthi ngiyeke umsebenzi ngizimele kodwa nakho akubanga lula ngoba umsebenzi awuhlali ukhona.”