OWAQALA esebenza njengoweta ehhotela usephethe isikhundla sokuba imenenja yehhotela athi ukuzikhandla nokulangazalela ukufunda konke ngomsebenzi yikho okwamenza wathola lesi sikhundla.
UNksz Mbali Mkhize (32), waseMlaza ungowukuqala omnyama wesifazane ophethe ihhotela iSouthern Sun Hotel eGolden Horse, eMgungundlovu.
Uthe akaqalanga kukuhle kulo mkhakha njengoba uyise wayefuna ukuthi abe ngummeli.
“Ngaqeda u-matric ubaba wathi kuzomele ngibe ummeli, ngaphandle kwalokho ngeke angifundise. Ngoba ngangiphokophele ukusebenza emahhotela ngakhetha ukuba ngilandele lokho engikuthandayo. Ngaqala ngasebenza ehhotela iProtea ngiwuweta. Ngenxa yokulangazalela ukufunda omunye umsebenzi wasehhotela, ngacela ukuthi ngisebenze ehhovisi lapho kwamukelwa khona abasuke bezohlala ehhotela. Kwathi sekuvulwa ithuba lozoqashelwa lo msebenzi ngabe sengiwazi.”
Uthe umsebenzi wokuba imenenja waqala wawenza engakaqashelwa wona.
“Kwathi sekufunwa umuntu ozowenza ngathi ngikulungele ukuwenza ngoba vele kade ngaqala ngiwenza lo msebenzi,” kusho uNksz Mkhize.
Ufike kuleli hhotela ngonyaka odlule ngoJulayi, evela ehhotela lenkampani eyodwa iTsogo Sun iLangeni neMaharani eThekwini.
Wayekade enesikhundla sokuba imanenja yeFront Office kodwa wathatha isikhundla esingaphansi eMgungundlovu sokuba iFront Office Supervisor ngoba efuna inselelo.
“Kubalulekile ukuhlale uziqeqeshele umsebenzi olandelayo ofuna ukuwenza. Lokho kukubeka ethubeni lokuthi uma umphathi wakho engekho noma egula, ukwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela. Nabasebenzi ngibafundisa okufanayo. Kumanje selokhu ngaba imenenja sekukhushulwe esikhundleni abantu abane,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe ukukhuthalele kakhulu ukuba acathulise nabanye besifazane abafikayo kulo mkhakha njengoba unezinselelo eziningi.
Umsebenzi wakhe uthe udinga umuntu okhuthele nosebenza amahora amade.
Uthe kudingeka ufunde ukukwazi ukuba nesikhathi somndeni njengoba enezingane ezimbili ena-13 neneminyaka eyisithupha.
Uxwayise ngokuthi akumele ube umphathi uma usekhaya ngoba kungaphazamisa nobudlelwane basekhaya.
UNksz Mkhize unenqwaba yezitifiketi eziqondene nomsebenzi wamahhotela awufundiswa ngaphakathi emsebenzini njengoba enza unyaka owodwa kwiziqu zeHospitality e-University of Johannesburg kodwa wayeka phakathi.
Omunye wabesifazane ophethe isikhundla esiphezulu eGolden Horse Casino, uNksz Vuyokazi Bata (46), wase-Eastern Cape, oyisikhulu sikandabazabantu, uthe kusemqoka ukuba abesifazane babambisane nabanye benze umsebenzi ngendlela bangacashi ngesithupha.
“Ngo-2010 bengisebenza eSuncoast Casino eThekwini, ngeza lapha ngo-2011 sengithola lesi sikhundla. Yize zikhona izinselelo emsebenzini okusemqoka ukwenza umsebenzi wakho ngendlela. Singabesifazane abasezikhundleni sinawo amandla okwenza umehluko lapho sisebenza khona.
“Kumele uma senza umsebenzi, siwenze ngendlela singacashi ngesithupha ukuthi thina yingoba singabantu besifazane ngakho kumele izinto zibe lula,” kusho uNksz Bata.