UKUNGAWUTHOLI umsebenzi kuholele ekutheni agcine esecosha amabhodlela ukuze aziphilise owesifazane waseMzingazi.
UNksz Happy Khumalo (28) uneziqu kwiSports Science azithola oNgoye ngo-2011, nezokufundisa azithole e-Unisa nyakenye. Uthe ubone ukuthi iminyaka iyahamba futhi neziqu ezimbili abezitshela ukuthi zizokwenza ukuthi kube lula ukuthi aqashwe zingamsizi ngalutho.
Le ntokazi iqale ukuqoqa udoti ongabuye usetshenziswe ngoJuni nyakenye emuva kokucabanga kabanzi ukuthi yini engayenza ngoba ayinayo imali yokuqala ibhizinisi.
UNksz Khumalo uthe ubelokhu efaka izicelo zomsebenzi esebenzisa zombili iziqu anazo afike akhale ngaphansi kwinhlolokhono. Nyakenye ngoJuni uthe wathatha isinqumo sokuthi ngeke ahlale asonge izandla alinde ukuqashwa kungcono ukuthi kube khona aziphilisa ngakho.
Uthe wakhuluma nabazali bakhe ebacela ukuthi bameseke baphinde bamboleke iveni lasekhaya ukuze aqoqe ngalo amabhodlela.
“Bengibona ukuthi ngizophinde ngihlale eminye iminyaka ngingawutholi umsebenzi kungcono ukuthi kube khona engikwenzayo ngibe ngisalinde ukuthi ngithole umsebenzi. Ngiqale ngacosha amakhalibhodi nezigubhu zeplastiki ngadayisela izinkampani eziqoqa udoti osangabuye usebenziseke. Bengihlangana nabantu abaningi ngesikhathi ngisebenza okulapho ngithole omunye ongicebise ngokuthi ibhodlela likhokha kangcono okulapho ngaqala khona ukubheka ukuthi ngingalithatha kanjani leli thuba.”
Le ntokazi ithi ike yaphenduka ihlaya emphakathini ngesikhathi iqala lo msebenzi kodwa yabekezela.
“Abanye bebengiqonda bangibuze ukuthi ngiyahlanya yini, ngacosha amaphepha, abanye bebengasho lutho kodwa ngizwe kuthiwa babuza ukuthi ngabe yiwona yini umsebenzi ebengiwufundela lona wokucosha amaphepha. Kubuhlungu ukuzwa ukuthi kukhulunywa kanjena ngawe kodwa ngazitshela ukuthi ngizobekezela ngenze ucwaningo lwami ngibone ukuthi ngeke yini ngiye phambili kulo mkhakha ngoba ngeke ngisakwazi ukulinda esinye isikhathi ngoba ngithi ngilinde ukuqashwa.”
Uthe ukugcwalisa isaka elilodwa lamabhodlela akuyona into elula, uma ungenayo imali yokuthenga uphethroli.
“AbakwaThe Glass Recycling Company (TGRC) badinga amasaka angu-30 agcwele amabhodlela ukuze bafike bazowalanda, akulula ukwenza leso sibalo. Bengivuka zonke izinsuku ngicoshe emigwaqweni, ngiye ezindaweni zokucima ukoma nasemizini ebinemicimbi ngicele ukucosha lokho kungenze ngasheshe ngawahlanganisa amasaka afunekayo.”
Le ntokazi iqoqe amasaka angu-34, abakwaTGRC bathi uNksz Khumalo uqoqe amabhodlela angaphezulu kwesibalo okubenze babona ukuzimisela kwakhe. Ngenxa yokuzimisela kwakhe bathe bazomfaka ohlelweni lokuthi athole ukwesekwa aphinde afundiswe kabanzi ngaleli bhizinisi.