NGAPHANDLE kokuthi uTebogo unebhizinisi lakhe lokunciphisa izisu kwabesifazane, abanye bamazi njengomunye wabesifazane bakuleli ababizwa ngamaSlay Queen, okusho owesifazane oziphilisa ngemali yamadoda awomacaphuna kusale.
Kodwa yena uthi akazi ukuthi yini le eyenza abantu baze bambize ngaleli gama. Uthi uyazisebenzela akancikile emadodeni anemali ukuze aphile.
Uthe into ebalulekile kuyena ukukhulisa indodana (9) yakhe ngendlela efanele nokusebenza imali ezomenza aphile impilo ayifisayo.
Uveze ukuthi uma kukhulunywa izinto ezingeke zimngenisele mali ephaketheni, uvala izindlebe sengathi akezwa lutho.
“Uma kungeke kwenze ngcono impilo yengane yami kungifakele imali angizingeni.
“Ngiyazi abantu banezincazelo ezingafani ngabantu besifazane abazimele, abazithandayo nabaphila impilo abayithandayo.
“Mina ngazitshela ukuthi ngizokwenza konke ukuze ngiphumelele. Ukusebenza nezinkampani zezikhangiso nokubona ukuthi basebenzisa ukukhanga kwemizimba yethu ukukhangisa imikhiqizo yabo, mina ngazibonela ithuba lokwenza imali nentuba yebhizinisi elikhulu.
“Yingakho ngathi uma ngifika e-USA ngabona izinto esizenziswa mahhala emakilabhini besikhokhela imali.
“Ngabuya ngafika ngashintsha ngabiza imali futhi angizange ngibe nandaba noma sekubatshazwa sengathi yihlazo ukukhangisa ngiveze nomzimba. Kodwa abalandele emva kwethu sebeyalehlisa izinga ngoba benza lokhu ngobunuku babe nqunu noma yikanjani,” kusho uTebogo.
View this post on Instagram
The world needs dreamers and the world needs doers. But above all, the world needs dreamers who do.”
A post shared by Tebogo(@tebogo_thobejane_) on May 23, 2019 at 11:51am PDT
Uthe okumumangaza kakhulu wukuthi yena ziyaphela nezinyanga eziyisithupha engakaze ashelwe yindoda.
“Kufana nale micimbi namazwe okuthiwa abesifazane bahanjiswa amadoda, angikaze ngikwenze lokho. Uma ngingekho ngisuke ngihambe ngokomsebenzi hhayi ngoba ngihanjiswa amadoda.
“Ngiyakhangisa ngidayisa neBofa (okuyigama lamabhande okunciphisa isisu kwabesifazane) ngethula nezinkulumo ezakhayo,” kusho uTebogo.
Eqhuba uthe ngesikhathi abantu abaningi bematasa nokuhlaziya impilo yakhe, yena uyaqhubeka nokushumayela ivangeli lokuzimela emantombazaneni asemancane.
Uveze ukuthi uhambela izikole ezehlukene eGoli ekhuthaza amantombazane ukuthi asebenzise ithuba lezinkundla zokuxhumana ukuziveza nokusungula amabhizinisi.
Lokhu uthe ukwenza ngenhloso yokukhombisa intsha ikakhulu amantombazane ukuthi angakwazi ukuzimela nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzithuthukisa athole nohlobo lwamabhizinisi afuna ukungena kuwo.
Ngempelasonto edlule ubeseThekwini kwiYouth Influencer and Entrepreneurs Social Media Summit eHilton Hotel ezogqugquzela intsha ngokubaluleka kokuziqalela ibhizinisi yize usemncane ngeminyaka.