Usho kanje uNkk Vissy Kallupadam Angayan, oyiGeneral Manager kwaHuawei Enterprise Group eLimpopo.
“I-4th IR isifikile sonke kufanele sithuke ngoba idinga ukuthi sihlome ngamakhono amasha. Osomabhizinisi kufanele baqinisekise ukuthi bahlomisa abasebenzi ngamakhono amasha nabo babheke ukuthi yikuphi okusha okuzobangenisela imali. Ngeke uthi udayisa amakhekhe ungazikhangisi ezinkundleni zokuxhumana. Kufanele ubheke nokuthi ibhizinisi lakho lizothikamezeka kanjani njengoba kuqala i-4th IR,” kusho uNkk Kallupadam Angayan.
Ubekhuluma emcimbini weYoung Woman in Business obuhlelwe yizinkampani ezingaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal ngoLwesibili.
Indikimba yalo mcimbini ibithi Think Equal, Build Smart and Innovate for Change.
UNkk Pearl Bhengu oyisikhulu esiphezulu seThala Development Finance Corporation, uthe nabo bazosebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngoba bafuna ukuba yingxenye ye-4th IR.
Ugqugquzele osomabhizinisi abasha ukuthi bafake izicelo zoxhaso eThala ngoba alikhokhisi inzalo emba eqolo. Uthe Ithala liphinde libe nezinhlelo zokucathulisa osomabhizinisi ukuze izinkampani zabo zingawi.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe bafuna iKZN ibe yisikhungo sobuchwepheshe esihamba phambili eNingizimu Afrika ngakho kufanele osomabhizinisi bacabange ukuthi bazokwenzani ukubhekana ne-4th IR.
Uthe kufanele kube nezinkampani ezilahla imfucuza yamaselula, amakhompyutha nakho konke okuthinta ubuchwepheshe.
Uqhube wathi kumele kube khona nezinkampani ezizokhanda amaselula, ezizokwenza ama-App nokunye okuzokwenza impilo yabantu baseNingizimu Afrika ibe lula.
Ugqugquzele abantu abasha ukuthi bangawabukeli phansi amabhizinisi akade aba khona okubalwa awokubhaka namanye.
Uthe cishe kuyo yonke imizi kudliwa izinkwa njalo ngosuku ngakho uma ubala ukuthi esigcemeni esisodwa saselokishini kuhlala abantu abawu-20 000 umuntu angenza imali eningi uma udayisa ulofu wesinkwa ngoR15.
Kugqugquzelwe osomabhizinisi ukuthi basebenzise nezinkampani zikahulumeni okubalwa iDube Trade Port, Moses Kotane Institute ukuthola amathuba ebhizinisi nawokufunda.
UNkk Thokozani Chili oyiProject Manager kwaTrade and Investment KwaZulu-Natal, ugqugquzele osomabhizinisi ukuthi basebenzisane nabo uma befuna amathuba okudayisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe.
UNkk Thandi Sabelo oyi-Executive Manager ebhekelele iSupply Chain eTransnet Port Terminals, uthe bahlale befuna izicucu zemishini abayisebenzisayo namafutha okuyigcina isebenza kahle ngakho osomabhizinisi kufanele basondele kubo.
UNksz Carol Coetzee oyisikhulu esiphezulu seKZN Film Commission, uthe osomabhizinisi kufanele babheke amathuba emkhakheni wamafilimu ngoba maningi amathuba okwenza imali.