UZOFIHLWA eGoli, umrepha wakuleli uRikhado "Riky Rick" Makhado (34), okuvele izindaba zokudlula kwakhe ngoLwesithathu ekuseni.
URiky wodumo lwengoma ethi Sidlu Kotini, utholwe ezilengisile endlini akade ehlala kuyona eGoli.
Ngokomthombo osondelene nomndeni uveze ukuthi zonke izinhlelo kubukeka zikhomba ukuthi uzofihlwa kuleli dolobha yize ezalelwe wakhulelwa eThekwini.
"Wonke umndeni wakhe ubusuhlala ngapha eGoli, nomama wakhe ukhona ngapha, kodwa bonke sebezinze ngapha, akukho ngisho abafowabo abasele khona. Namhlanje "izolo" umndeni uyahlangana njengoba kumele kuboniswane ukuthi umgcwabo nenkonzo yokumkhumbula kuzoba nini," kusho umthombo.
Uveze ukuthi amaciko ayaphuma ayangena ukuzokhalisana nomndeni njengoba kubonakala ukuthi ukudlula kwalo mrepha kuthinte abaningi.
"Uyazi okwenzekayo kuyamangaza ngiyaqala ukubona amaciko angaka efika kanye kanye kuphume laba kungene abanye ukuzokhalisana nomndeni. Sikhethe ukuthi sibakhulule bafike bezobona umndeni njengoba abanye bengakholwa. Ngisho awaseThekwini amaciko afikile ukuze azohlanganisa amehlo nomndeni," kuchaza umthombo.
Okhulumela umndeni uMelanie Ramjee uthe bazosikhipha maduzane isitatimende sezinhlelo zomgcwabo njengoba kulindeleke ukuthi umndeni uhlangane.
Uma kukhulunywa ngokotini nemiswenko ekhona, uRiky Rick (34), ubehlala edida unwabu. Ubungeke umthinte uma kukhulunywa ngengqephu, bekucaca uma sekufike yena ezindaweni zobumnandi.
Kunemisiko eminingi ephambili nemba eqolo abethi uma eziphihle ngayo aphenduke undabuzekwayo, nabantu baphenduke naye ngenxa yokuthi abanye benganalwazi kahle ngamazinga ahlukene engqephu. Kuze kwabakhona abantu abamlandelayo ngenxa yokuthanda indlela agqoka ngayo.
URiky Rick ubenganqeni ukuswenka aqede adle nejazi bese ebuyisa isiketi nokuyingxenye yesitayela sengqephu. Kukhona unyaka abaze bamvuma ngawo abantu eziphihle ngomsiko wejazi eliyisikotshi, ijezi elinemibala egqamile wabe esezimboza ngenethi enezisefo ezincane nezishaya sasaka. Yilapho abantu abaningi bamvuma khona ngokudla ukotini.
Ubenane lebuli yakhe iCotton Fest eyaqopha umlando nyakenye isebenza ngokubambisana nenye yamalebuli amakhulu iPuma. Kunabasiki bengqephu ebese kwaziwa nje ukuthi uma bethungele uRiky Rick uzosabalala umsiko wabo okubalwa kubo abakuleli nabaphesheya kwezilwandle.
Abalandeli bakhe balokhu bekhale njalo bethi ingqephu ngezinye zezinto abazomkhumbula ngazo uRicky Rick kanjalo nomculo wakhe.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni nezokuthi uzibulele zisabalale ngoLwesine ezinkundleni zokuxhumana.