INTOKAZI yaseMabomvini eMsinga, ephinde ibe yisitshudeni eDurban University of Technology (DUT), isizakhele ugazi ngokusiza abafundi bakamatric ukuthi bazi kabanzi ngemisebenzi abangayifundela, ukuze bakhethe kahle emanyuvesi.
UNksz Luyanda Ndlovu (23), ongumsunguli wenhlangano engenzi inzuzo iSehlukosami Foundation, ulandele igama lakhe alethiwa nguyise eseneminyaka ewu-16 ngenxa yokubona indlela eyehlukile ayenza ngayo izinto.
“Ubaba wangiqamba wathi nginguSehluko ngoba ethi izinto engizenzayo zihlukile futhi ngihlukile kwezinye izingane. Yingakho ngiqambe inhlangano yami ngokuthi iSehlukosami njengoba ngifisa ukuletha ushintsho oluhlukile kubantu bakithi nasezindaweni zasemakhaya,” kubeka uNksz Ndlovu.
Uqhube wathi ufisa ukuthi inhlangano igqugquzele izingane asebenzisana nazo ukuthi zilethe ushintsho emakhaya azo nasezimpilweni zazo. Le ntokazi eyenza unyaka wokugcina ezifundweni zeNautical Science, isiza izikole ezisemiphakathi ehlukene ngezinhlelo zokuqeqesha abafundi ngemisebenzi abangayifundela uma beya emanyuvesi. Iphinde ilekelele amantombazane asuke eya kwi-matric ball ngezingubo nokunye asuke ezokudinga ngalolu suku.
Uthe waqala ngokugqokisa abafundi bakamatric ngo-2019 ababengenayo imali yokuthenga izinto zokugqoka kulowo mcimbi. Emuva kwalokho wagqugquzeleka wabe esebhalisa inhlangano yakhe kuwona lonyaka.
“Ngikholelwa ekutheni empilweni kumele usize omunye umuntu naye abone ukuthi bakhona abantu abanobuntu,” kulandisa uNksz Ndlovu.
Uthe uma wenza into oyithandayo uye unganaki kakhulu izinto ezingakukhubaza emsebenzini wakho. “Ingqinamba kuke kube ukuthola uxhaso lwezezimali nezinto zokusebenza ngoba kuye kudinge ukuthi sihambele izindawo ezikude. Siyahlupheka kakhulu ngezinto zokuhamba. Lokhu kubuye kuphazamise ezinhlelweni esisuke sifisa ukuzenza,” kulandisa uNksz Ndlovu.
Uqhube wathi uyakholelwa ekutheni abantu abasha banamuhla kumele babeke induku ebandla njengamaqhawe ango-1976, asilwela asishiya nefa lokuthi sithole imfundo elinganayo.
“Kumele nathi sibe ngamaqhawe njengabantu abaphambi kwethu, sibahloniphe ngokuba sizimele, sihloniphe nefa abasishiyela lona.”
Uthe okunye bake babe nezinkulumo ezakhayo enkundleni yokuxhumana kwi-Instagram lapho abasuke bekhuluma ngezinto ezenzeka emanyuvesi.