UKUBA namabala ezilonda ngenye yezinto eziholele ekutheni uNkk Thando Chisane waKwaNdengezi, asungule imikhiqizo yokunakekela isikhumba.
UNkk Chisane (27) we-Uthando Glow Skin Care, uthe inhloso yakhe ngale mikhiqizo wukuqeda izinkinga zabantu abanenkinga yesikhumba, ayebhekene nayo ngesikhathi esakhula.
“Ayikho into enzima njengokulahlekelwa wukuzethemba ngenxa yesikhumba esingesihle. Ngangihlezi ngigqoka amasokisi amade esikoleni ngesikhathi ngisakhula ngoba ngisaba ukubukwa izitho zami ezazingezinhle. Imikhiqizo engangiyigcoba, yayingangisizi nhlobo.”
Uthe ngemuva kokwenza ucwaningo olunzulu ngokusebenzisana nodokotela besikhumba, ube nombono wokuthi afeze iphupho lakhe lokusungula le mikhiqizo yesikhumba.
“Ngesizathu sokuthi bengingafuni ukudayisela abantu imikhiqizo engingakaze ngiyizame esikhunjeni sami, ngiqale ngayisebenzisa mina ukuze ngibone imiphumela. Amakhasimende aqhamuke ngemuva kwemiphumela ebonakale kimina, edonse amehlo abantu abaningi ngenxa yendlela esesibukeka sisihle ngayo isikhumba sami.”
Uthe yize esematasa nezinhlelo zokuthi imikhiqizo yakhe itholakale ezitolo, useqalile ukuthola ama-oda kubantu abangabangani bakhe ezinkundleni zokuxhumana njengoba esebenzisa zona ukumaketha le mikhiqizo.
Le ntokazi eyenza iziqu ze-Events Management eMancosa, ithe ikholwa wukuthi ibhizinisi layo izokwazi ukulibeka ezingeni efuna lifinyelele kulo ngalezi zifundo.
“Yize ngisafunda, sengiqalile ukuwenza umsebenzi wokuhlela imicimbi futhi ngiyabona ukuthi ukuba kulo mkhakha kuzongilekelela ekumaketheni nokwandisa isibalo samakhasimende.”
Uthe isifiso sakhe wukuthi Uthando Glow Skin Care, lube wusizo kubo bonke abantu abanenkinga yesikhumba, nasebeqala ukuzenyeza.