UKWESWELA imali kumvule amehlo owesifazane waseMontclair, eThekwini, osungule ibhizinisi elidayisa imikhiqizo yezinwele zemvelo.
UNksz Akhona Gada (35) oqale ukuzisebenza kulo nyaka, uthe emuva kokubuka isimo sezimali sibhimba, uvule inkampani iYemvelo Organic Hair and Skin Care, ukuze bangabulawa yindlala.
Le ntokazi engomunye wabantu abanezinwele zemvelo, ithe ibihlezi inothando lokusungula umkhiqizo wohlobo lwezinwele ezifana nezayo kodwa ingawenzi ngenxa yokubanjwa wumsebenzi ebiqashwe kuwo.
“Emuva kokushiya umsebenzi ngibe sengiqoka ukwenza ucwaningo ngebhizinisi engikulona. Ngiqoke nokuqeqeshwa amasonto ukuze ngibe nolwazi olujulile ngalolu hlobo lwezinwele nemikhiqizo esetshenziswa kuzona,” kuchaza uNksz Gada.
Uthe kumanje umatasa nesinye sezitolo ezinkulu ezidayisa imikhiqizo egcotshwa ezinweleni ngenhloso yokudayiselwa yiso.
Yize imikhiqizo yakhe ingakadayiswa yizitolo, iYemvelo Organic Hair and Skin Care seyiqalile ukuyidayisa imikhiqizo yakhe.
“Ngiqale ngayisebenzisa ezinweleni zami nezendodakazi yami. Kuthe uma abantu abasondelene nami bebona ingisebenzela imikhiqizo, kwanda isibalo sabayithengayo,” kuchaza uNksz Gada.
Uthe okwamanje abantu abadinga imikhiqizo bangamthola emakhasini ezinkundla zakhe zokuxhumana.