MBALI KHANYILE
KWETHULWE uhlelo lokudayisa izimpahla zokugqoka ngobuchwepheshe besimanje emcimbini wokuthuthukiswa kwabasiki bengqephu baseThekwini obuhlelwe wuMasipala weTheku eMlaza, ngoMgqibelo.
Umcimbi ubusesitolo sezimpahla zokugqoka, iDurban Fashion Fair (DFF) Emporium, enxanxatheleni yezitolo iMegacity.
Omunye wabebedayisa izimpahla zabo uSibusiso Shozi we-4 Ever Trending Designs, uthe lolu hlelo luzokhulisa umsebenzi wakhe akholwa wukuthi sekuzoba lula ukuwusabalalisa njengoba usuzokhangiswa kumakhasimende ezindaweni ezehlukene.
“Umkhakha wezemfashini ukweshayeke kakhulu kulo nyaka njengoba kugasele iCovid-19, eholele ekutheni amabhizinisi amaningi aphazamiseke. Ngikholwa wukuthi ukusetshenziswa kwesitolo sezobuchwepheshe besimanje kuzoba nomthelela omuhle ekutheni umkhakha esikuwo usekeleke ngezikhathi zonke.”
UNksz Nonku Mthembu wophiko lokuThuthukiswa kwezamabhizinisi, ezokuVakasha nezimakethe kuleli dolobha, uthe okubalulekile ngalolu hlelo wukugqugquzela abantu abazifelayo ngemfashini ukuthi bangafuni abasiki bengqephu abakude uma befuna ukuthenga izimpahla zokugqoka kodwa basebenzise abaseduze.
“Njengoba umkhakha wezemfashini unezinkinga sibone kukuhle ukuthi sibalekelele ekwandiseni isibalo samakhasimende ngohlelo lokuthenga kwezokuxhumana. Sikholwa wukuthi luzobasiza ngokuthi izimpahla zabo zifinyelele kubo bonke abantu abafisa ukuthenga kubo,” kusho uNksz Mthembu.
I-DFF Emporium ineminyaka emihlanu yasungulwa nguMasipala weTheku ngenhloso yokukhulisa abasiki bengqephu bakuleli dolobha.
UNKSZ Kwenzi Nkomo ongomunye wabasiki bengqephu bezimpahla ezizodayiswa ngobuchwepheshe besimanje, ekhombisa ngomsebenzi wakhe kwethulwa uhlelo oluzothuthukisa umsebenzi wabo eMegacity, eMlaza ngoMgqibelo Isithombe: Zithunyelwe
UMNUZ Vusi Nxabela osungule inkundla yezokuxhumana okuzodayiselwa kuyo izimpahla zabasiki bengqephu baseThekwini