BAZODINGIDA umkhakha wemfashini abasiki benqephu nabazokwenza lokhu ngokubambisana nomculi u-Unathi Nkayi.
BAZODINGIDA umkhakha wemfashini abasiki benqephu nabazokwenza lokhu ngokubambisana nomculi u-Unathi Nkayi.
Bazokwenza lokhu ngenjongo yokubheka ukuthi iyona yiphi ingqephu yakuleli engaphelelwa yisikhathi kusuka kudala bazophinde babheke ukubaluleka kokugqoka impahla yakuleli nokuthi libhekephi nekusasa lalo mkhakha.
Lo mcimbi ohlelwe yinhlangano iProudly South African, uzobe udingida zonke lezi zihloko ngaphansi kwesiqubulo esithi “Mzansi, are you wearing local?.
“Yize umkhakha wemfashini wakithi umncane uma uwuqhathanisa nowamazwe aphesheya kwezilwandle, kodwa abethu abasiki bengqephu bazinikele kakhulu futhi benza kahle, njengoba saziwa ngisho nakwamanye amazwe ngezingubo esizikhiqize kuleli. Leli thuba engilitholile liyangijabulisa kakhulu ngoba linginika isikhathi sokubheka emuva impumelelo yethu, izingqinamba esibhekane nazo bese sibheka nekusasa ukuthi lisiphatheleni kulo mkhakha.“
Uthe umcimbi uzokwenza sizibuze ukuthi sifunani kulo mkhakha wemfashini ukuya phambili," kusho u-Unathi
Uthe okunye okumele kubhekwe ngemfashini wukuthi ingabamba liphi iqhaza ekuyiseni izwe phambili.
“Uma sesihleli miningi imibuzo okumele siphume sinezimpendulo zayo, ngakho ngiyanxusa ukuthi abantu babuke lo mcimbi njengoba kukuningi abazokuzuza kuwona, bangalinge baphuthwe yiwona, ," kuphetha yena.
Kubasiki bengqephu abazobe bekhona kubalwa uGavin Rajah, Hangwani Nengovhela, Sello Medupe, Tania Macalagh, Kealeboga Pule noSandra Rogers.
Umcimbi uzobanjelwa ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili oluzayo.