SEZIKHETHIWE iziphalaphala zezintokazi zakuleli ezizoba ngamanxusa emikhiqizo yakwaNivea ezifundazweni ezahlukene.
Lezi zintokazi, ezizoba ngamanxusa emikhiqizo yakwaNivea ngo-2022, zingoMahlatsi Legodi waseWest rand, Khwezi Madlala waseThekwini, Boipelo Bokaba waseCenturion, Noxolo Fani wase-Eastrand, Khensani waseWitbank, Sarah Mkhize waseCowies Hill, Reuallyn Ramiah waseGermiston, Khwezi Mkhize waseMout Edgecombe, Wisisile Khoza waseMpumalanga no-Awethu Radebe waseMlaza.
Lezi zintokazi zikhethwe emuva kwenhlolokhono eyenziwa ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngo-Okthoba nyakenye nokwabuye kwelulwa isikhathi ukuqinisekisa ukuthi nababengafakanga izicelo, bathola ithuba lokufaka.
Umklomelo ka-R1 million, obubekelwe lo mncintiswano, uzohlukaniswa intokazi ngayinye ihlomule ngoR100 000. Lezi zintokazi zihlabane ngenkontileka yonyaka kanti zizobe zicijwa nangamakhono ahlukene mayelana nemikhiqizo yakwaNivea.
AbakwaNivea bakuqinisekisile nokuthi bazozihlinzeka ngama-laptop nezinye izinsiza zokusebenza ukuqinisekisa ukuthi zifunda kalula futhi ziyakwazi nokuqhuba umkhankaso wokukhangisa ngemikhiqizo.
Imenenja yemikhiqizo yakwaNivea, uNksz Sinenhlanhla Njapha, ithe ukuvula la mathuba kuwukuzama ukulekelela njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nesimo esinzima sokugqoza kwemisebenzi. "INivea ifuna ukuthuthukisa nokufukula abesifazane isebenzisa nezobuchwepheshe besimanje. Lokhu kuseyisiqalo kulezi zintokazi, sifuna zibe sezingeni eliphezulu kulo mkhakha wezempilo nokuzicwala," kusho uNksz Njapha.