UKUFAKA izinkophe ngenye yezinto ezihamba phambili ezindaweni zokuzicwala kwabesifazane. Lokhu kwenza abanye abantu bagcine sebezifaka njalo nokwenza isikhumba singaphefumuli ngendlela, kulimale nezimbobo zokuphefumula emehlweni.
Ungoti wesikhumba, uDkt Cebi Sibisi waseMhlanga, uthe kunezimbobo zokuphefumula yize kunezinkophe emehlweni.
“Ngaphandle kokuthi ama-glue (okunamathelisa izinkophe) asishisa isikhumba, aphinde alimaze izinkophe ziqothuke. Uma seziphumile ezakho kuzokuphoqa ukuthi uhlale usebenzisa ezokufakelwa bese ulokhu uqhubeka umonakalo. Ngesinye isikhathi omunye ugcina eselimele isikhumba kube sashashalazi bese zingabe zisamila qobo ezemvelo. Kungcono uzifake ubuye uhlabe ikhefu noma ufake ozoswenka ngazo bese ubuye uzikhiphe ebusuku,” kweluleka uDkt Sibisi.
Ungoti wezokuziphaqula, uNkk Nonto Hlengwa we-Okebonto Beauty Bar eseMusgrave eThekwini, uthe akahambisani nokufakwa kwezinkophe ngendlela engahlelekile. Ngokwakhiwa kwemikhiqizo yokuziphaqula uthe ziningi izinto ezibhekwayo ukuqinisekisa ukuthi ayiphazamisi indlela yokusebenza kwesikhumba. Yingakho uNkk Hlengwa ethi kuyiphutha ukusebenzisa uhlobo lwe-glue yezinwele uma kufakwa izinkophe.
“Kunezinhlobo ezahlukene zezinkophe, nabantu bathanda izitayela ezingafani. Mina ngeluleka ngokuthi kustshenziswe lezi ezibizwa ngokuthi ama-individual eyelashes kumuntu ofuna ezihlala isikhathi eside futhi uzokwazi nokuzigcwalisa uma ziphuma. Okuhle ngazo wukuthi zibukeka sengathi ngezemvelo kumuntu. Ama-stick on eyelashes nawo anemakethe yawo kodwa abantu abaningi kuleli abawajwayele ngoba ayihaba,” kusho uNkk Hlengwa.
Ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezinto evamise ukudingidwa kakhulu.
KwiFacebook emakhasini ahlukene kuvamise ukusuka umsindo ngokubaluleka kwalezi zinkophe. Abesilisa abaningi baze baveze ukuthi azibachazi izinkophe zokufakelwa kwabesifazane ngenxa yosayizi wazo, nendlela ezimenza umuntu abukeke ngayo. Babodwa abakhala ngokuthi umuntu uphenduka upopayi uma esephayizisa amehlo kube nzima ngisho ukubona umuntu oseceleni.