UROSEMARY Ndlovu owagwetshwa ngonyaka odlule ngoxhaxha lwamacala okubulala izihlobo nesoka lakhe ukuze athole imali yomshwalensi, ubuyele enkantolo namhlanje ngamanye amacala.
Le ntokazi ivele eNkantolo yeMantshi eKempeton Park ngamacala okwakha itulo lokubulala.
Kumangale abaningi ngesikhathi efika enkantolo emuhle, eqhakazile.
Abantu bebesho ngazwi linye ukuthi uwubufakazi bokuthi kumnandi ejele. Babodwa abebencoma indlela aziphaqule ngayo nomluko omusha, bethi ushintsha izitayela njalo uma eya enkantolo. Abanye bebabaza izinzipho nemaxhumela.
Ngisho ehamba bekungathi wusaziwayo ezokwamukela abalandeli bakhe, kusho abafundi ezinkundleni zokuxhumana.
@ChrisExcel102: Ukuqhakaza kukaRosemary Ndlovu kuwubufakazi bokuthi impilo imnandi ejele ukudlula ngaphandle.
@Bujospondo: Ukuqhakaza kukaRosemary Ndlovu kuwubufakazi bokuthi awufanele ukubukeka njengezinkinga zakho, ngiyamuvuma!
@Nkuleh_G: Abezinhlelo zeTV abasondele, sidinga iqophamlando likaRosemary Ndlovu. Angifuni ukukholwa wukuthi yimpilo yakhe yangempela le.
[WATCH] Convicted serial killer, Rosemary Ndlovu makes a brief appearance at the Kempton Park Magistrates Court on fresh charges of conspiracy to murder two police officers. @Newzroom405 pic.twitter.com/EMQymofJ4t
— Linda Mnisi (@LindA_MniSii) April 20, 2022
WATCH #RosemaryNdlovu will be back in court on the 25th May 2022. She’s currently serving 6 life sentences after being found guilty for plotting the murders of her lover and 5 relatives. Her co-accused is out on a warning.#eNCA pic.twitter.com/xZ44E4u5Pc
— Sli Masikane (@Sli_Masikane) April 20, 2022