Mbali Khanyile
KUNABANTU ababikelwayo uma sekushaye isikhathi sehlobo ngenxa yohlobo lwesikhumba sabo esincikiselayo uma kushisa.
Abanye balaba bantu kabakwazi ukuthenga imikhiqizo yesikhumba ebizayo, bagcina sebezama ezinye zezindlela zokulwa nobubi besikhumba. Phakathi kwezindlela abagcina sebethembela kuzo kubalwa ibovu, isibabuli, umuthi wokuxubha amazinyo nokunye.
Lezi zindlela abasuke bezisebenzisa bavamise ukuzincoma kakhulu ngokuba nemiphumela emihle. Kepha ungoti wesikhumba usexwayise ngemikhiqizo yokuzakhela engahloliwe izingabunjalo bayongokuthi ingaba yingozi esikhunjeni somuntu.
UDkt Cebi Sibisi ongungoti wesikhumba, uthe akabeluleki abantu ukuthi basebenzise imikhiqizo abazihlanganisela yona emakhaya ngoba kwesinye isikhathi abantu iyabashisa esikhunjeni.
“Sekukaningi ngibona abantu belinyazwe yimikhiqizo abazihlanganisele bona. Abanye basuke bebona ama-video ezinkundleni zokuxhumana ngoba bethi banqanda inkinga kanti bayayandisa. Lokho kugcina sekubafaka ezinkingeni zokuthungatha usizo kodokotela besikhumba abebebabalekelela,” kuchaza uDkt uSibisi.
Uxwayise ngale mikhiqizo, i-apple cider, ujusi walamula, umuthi wokuxubha amazinyo, athe akuvumelekile.
Amathiphu okunakekela isikhumba ehlobo:
* Phuza amanzi kakhulu
-Ukuphuza kakhulu amanzi kuyasiza njengoba ukungcola kwesikhumba kukhishwa ngamanzi osuke uwaphuza.
*Hambela kude nelanga
- Gqoka uphinde ugcobe imikhiqizo ekuvikela ekushisweni yilanga.
* Vakashela udokotela wesikhumba ozokucebisa ngokuhambisana nesikhumba sakho.
* Uma usiqonda isikhumba sakho, vakashela ikhemisi ongasizakala kulona ngokumele ukugcobe.
* Zijwayeze ukugcoba i-sunscreen njengoba ivikela ebungozini bokusha kwesikhumba.