LIKHULU isasasa ezinkundleni zokuxhumana ngokwakha izinqa. Yize kungeyona into entsha ukuthi kube nabantu abachazwa izinqa nabafuna ukuba nezinqa ezinkulu kodwa muva nje kubukeka sengathi abantu besifazane abaningi bayazifela ngokuba omapakisha. Lokhu kudalwa izinto eziningi njengoba sekukhona nezinkundla zokuxhumana okunamekwa kuzo izithombe sakuncintisana. Ukusha okhalweni nokuba umapakisha yikho okubukeka kuhamba phambili kulezi zinsuku kwabesifazane.
Sekuze kwaholela ekutheni kube nenqwaba yama video becobelelana ngolwazi olungabasiza basheshe babe nezinqa ngokushesha. Nababukeka benazo izinqa kodwa bayazifela ngokuzibumba baziqinise kahle baphinde bagqoke izinto ezibamba zizikale ukuze zigqame kakhulu futhi zithi qhunsu. Ongoti bezokuzivocavoca bathi ukushintsha kwesimo sempilo nokuzithanda kwabantu besifazane futhi bafune nokubukeka kahle uma begqokile, yikhona lokhu okwenza bathande izinqa ngalolu hlobo.
Ungoti wezokuzivocavota, uNksz Sam Xulu wePhoenix Health & Wellness eThekwini uthe ziningi izindlela zokukhulisa izinqa ngendlela enempilo kubantu ngaphandle kokuthi baze benze izinto ezizobeka impilo yabo engcupheni. Ukukhuthalela ukwenza amasquats nsuku zonke kuyazibumba izinqa zize ziphume ubone sekuthe putshu njengabo omapakisha. UNksz Xulu uthe njengamanje liphezulu izinga labesifazane abalilekelela ngalolu hlobo losizo ukuqinisekisa ukuthi bayaba nezinqa yize kungeyona into oyenza ngosuku olulodwa bese kuyalunga.
" Abanye abantu baye bafune ukwenza izindlela ezisheshayo nezidinga imali eningi ukubona ongoti njengokuthatha amafutha kwezinye izingxenye zomzimba bawafake ezinqeni. Kuningi nokunye okudinga imali eshisiwe kodwa zikhona izindlela ezinempilo nezingenabo ubungozi njengokuthi usebenzise izindlela ezahlukene zokuzivocavoca ezizoqinisa izicubu. Izinqa yizona ezinezicubu ezinkulu emzimbeni womuntu nokwenza umehluko usheshe ube khona uma umuntu eseqale nokukhuthalela amasquats," kusho uNksz Xulu.
Eqhuba uNksz Xulu uthe kunephutha abanye abavamise ukulenza baqale ngezinqa umuntu ebe esazobuye afune ukwehlisa isisindo somzimba. Ukuqala ngokuzinciphisa uma ufuna ukubona izinqa kuyasiza ngoba uma uzoqala ngenzinqa ugcine ngakho uzobanjwa ukhwantalala.
UNksz Xulu uthe ngesikhathi seziputshukile izinqa sewunciphisa isisindo somzimba, kushabalala konke ngoba nazo ziyaphela izinqa zakho ngenxa yokwehla nokuthamba kwezinyama.
Kuwona lama video asabalala ezinkundleni zokuxhumana okubalwa noTik Tok kukhona ngisho uhlobo lwamabhulukwe abukeka njenge legging nawo akhuthazwa kakhulu kwabesifazane. Lama bhulukwe akhombisa owesifazane onentshoshovela yesishwapha ongathi angaligqoka kuthi putshu izinqana kuze kube sengathi ziyakaleka phakathi nendawo nokubachaza kakhulu abesifazane. Ngaphandle kwawo, sekunanezinhlobo nezimpahla zokuzivocavoca ezigqokwayo ukuqinisekisa ukuthi noma ngabe unenkinga yamathanga amakhulu ukwazi ukusizakala usheshe ubone umehluko ezinqeni.
Ephetha uNksz Xulu uthe njengoba kuhlala kushiwo kubantu besifazane ukuthi imzimba yabantu ayakhiwe ngokufana, naye uyabakhuthaza ukuthi umuntu noma ezinakekela kodwa angazifakeli ingcindezi yokufuna ukufana nse nomunye umuntu ngoba akusoze kwenzeka.
Okungakulekelela ekhaya :
-Kunebhade elibizwa nge-resistance band liyilasitiki elinwebekayo nelisetshenziswa kakhulu emathangeni, emadolweni nasemlenzeni elikwazi ukusiza wakhe isicubu ezindaweni eziningi ngesikhathi okubalwa nezinqa.
-Ungaqala uzijwayeze kancane ekhaya wenze amasquats okungenani awu-50 kuya ku-100 njalo ekuseni uma uvuka.
-Noma ngabe ukhonze ukufaka lamabhulukwe aputshuzanayo kodwa lekelela umzimba ngokudla okunempilo, ukuphuza amanzi bese usebenzisa izindlela zokuzivocavoca ezihambisana nokwakha izinqa.
-Ungathi zisuka udumele ukulungisa izinqa, zihlangabeze ngokubheka nezinye izingxenye zomzimba ezingakwenza ungawuboni umehluko njengesisu namathanga amakhulu.
-Noma ngabe sewujahe kangakanani ukubona umehluko, ungazigqilazi izicubu zomzimba ngokuzivocavoca ngokweqile ngoba kuzokudalela izinkinga esikhundleni sokusizakala. Nikeza umzimba ikhefu nezicubu zingagqilazeki.