ISIKHUPHULE isamba semali ezosiza ngaso abakhahlanyezwe yizikhukhula inkampani eyengamele umcimbi womjaho wamahhashi kulo nyaka. IHollywoodbets ebimemezele ukuthi izonikelela abantu abayizisulu zezikhukhula ngoR1 million, yenyuse imali yaba uR5 million ukuze kubhekanwe nezindleko zokuthengela abantu amanzi, ukudla, izingubo zokulala nokunye abakudingayo.
Khonamanjalo iHollywoodbets izoqala ngesonto elizayo ukudayisa amathikithi endumezulu yomcimbi wezemfashini namahhashi obhekwe ngabomvu eThekwini. IHollywoodbets Durban July (HDJ) engo-Ephreli 26 okuwuLwesibili ozayo, izoqala ukudayisa amathikithi omcimbi ecomputicket. NgoJulayi 2 kulindeleke ukuthi umcimbi ohlelwa yiGold Circle neHollywoodbets, ubuyele ezingeni elijwayelekile ngoba ukewaphazamiseka iminyaka emibili ilandelana.
Umcimbi wokuqala owabanjwa ngobuchwepheshe besimanje ngo-2020 washaya kwezwela kubasiki bengqephu abadla kahle kakhulu ngoJulayi. Ngokujwayelekile osaziwayo, izikhulu zikahulumeni, izicukuthwane zaphesheya kwezilwandle zikhipha imali eshisiwe zithenga imisiko yokuhambela lomcimbi. Yilapho wonke umuntu esuke efuna ukukhipha unyawo abadlisele ogageni abanye, lokho kwenza bakhokhe bengasabi.
Indikimba yomcimbi eyenza kube nesasasa elikhulu lokuswenkela umjaho njengoba eyanonyaka ithi, iShow Me The Honey, okumele ilandelwe ongoti bezemfashini noswenka uma sebesika ingqephu. Nonyaka kubhekwe ukuthi amatende asuke egabe ngosaziwayo, izinkinsela noswenka abonakale eGreyville, into ebingasaziwa.