KUPHELILE ukuqagula kubasiki bengqephu nabathandi bemfashini ngendikimba yendumezulu yomcimbi omkhulu wengqephu eThekwini. IHollywoodbets Durban July (HDJ) isememezele ngokusemthethweni indikimba ethi Show Me The Honey. Lokhu kusho ukuthi yonke imisiko izobe incike kule ndikimba nosekuzonikeza oswenka isikhathi esanele ukuhlanganisa imisiko yabo.
Abasiki bengqephu abazokhangisela izinhlelo ezahlukene ezivamise ukwenziwa kundlalelwa usuku olukhulu kulindele ukuthi balandele iShow Me The Honey. Osaziwayo nabantu abahambela iHollywoodbets basuke bechazeke kakhulu ngalesi sikhathi ngoba kusemqoka kubo ukubamba umgqigqo wendikimba, nokwenza abathandi balo mcimbi behluke.
Ukumenyezelwa kwale ndikimba sekuthathe abantu abaningi nokubukeka engathi kulo nyaka lizobuya isasasa lalo mcimbi. Kuzokhumbuleka ukuthi kwadangala abaningi ukwenziwa kwalo mcimbi ngobuchwepheshe besimanje ngenxa yemigomo yeCovid 19. Ezinkundleni zokuxhumana sekuqalile kuyachwaza kujatshulelwa iShow Me The Honey. AbeHollywoobets lo mcimbi bazowusingatha ngokubambisana nabeGold Circle ebilokhu iwenza nabakwaVodacom kule minyaka edlule.