SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kosuku olukhulu kubasiki bengqephu bakuleli njengoba kulindeleke ukuthi kumenyezelwe ngokusemthethweni indikimba yomcimbi wengqephu.
IHollywoodbets Durban July (HDJ) ngoLwesine kulindeleke ukuthi imemezele ngokusemthethweni indikimba yalo mcimbi ezolandelwa kulo nyaka.
Minyaka yonke abasiki bengqephu nabantu abasuke behambela lo mcimbi basuke beyibheke ngabomvu indikimba ngoba iyona eyenza imisiko yabo yehluke kuneminye.
Indikimba yomcimbi iyona enikeza abasiki bengqephu umhlahlandlela nokwenza kube nesasasa nakubantu abasuke bezobuka ingqephu. Lo mcimbi iHollywoodbets izobe iwusingethe ngokubambisana nabeGold Circle nokulindeleke ukuthi wehluke kweminye njengoba kushintshwe nabaxhasi.
Ngokujwayelekile lo mcimbi awuhehi nje abasiki bengqephu naphanta kuphela kodwa ngisho nosaziwayo kanjalo nosomabhizinisi baba yingxenye enkulu yawo.
Iminyaka emibili eyedlule ayizange ibaphathe kahle abasiki bengqephu kulandela ukuhlasela kobhubhane iCovid-19. Ukusingathwa kwalo mcimbi ngobuchwepheshe besimanje kwashintsha okuningi, kwaphoqa abantu ukuthi bawubukele besemakhaya nokwashaya kwezwela kubasiki bengqephu ngoba yisona sikhathi abenza ngaso imali. Kulo nyaka kubukeka kuthembisa njengoba sezixegiswe kakhulu nezinhlelo zikahulumeni zokulawula izwe nokuhlangana kwabantu.