SEWUPHINDE waba sematheni umsiko kasaziwayo wakuleli oke wagxekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlulwa ukukhetha umswenko.
USarah Langa usevunywa ngabaningi kwiTwitter emuva kokuthi eke waba yinhlekisa ngokugqoka umsiko kaRich Mnisi ohambisana nekepisi. Lokhu kulandela ukuthi kwiMet Gala Dinner, kubonakale isilomo somculi waphesheya kwezilwandle siziphihle ngomsiko othungwe ngesitayela esifanayo.
UNicki Minaj uvale abaningi umlomo eqhamuka nemvukumvuku yengubo emnyama esabhulukwe ehambisana nekepisi elibukeka njengelesikhumba.
Lesi sitayela siqale ukubonakala ngenyanga edlule kuSarah emcimbini obuseSandton, obuphathelene neThe Real Housewives of Lagos. Yilapho-ke uSarah eqhamuke khona nomsiko wakhe omhlophe eziphihle nangekepisi nokwamphenduka ihlaya kwabaningi.
Ukubonakala kosaziwayo baphesheya kwezilwandle beziphihle ngesitayela esifanayo kuvule abantu abaningi amehlo, babona ukuthi kunezitayela ongoti bezemfashini bakuleli abusuke bazi ngazo kuqala ngaphambi kokuthi zifike kuleli.
"URich Mnisi ukhohlwe ukusho ukuthi lesi isitayela sizoduma umhlaba wonke kwezemfashini. Wakhetha ukuba ngowokuqala ukuqhamuka naso," kusho u-The Angel.
"Nonke ebenimhleka uSarah Langa, ngicabanga ukuthi akuselona ihlaya manje," kusho uMax Eisenhardt.
Ngaphandle kukaNicki, nentokazi ewumkhangisi wengqephu, uKylie Jenner, nayo ibifake isitayela esifanayo somsiko ohamba nekepisi elimbozwe ngenethi.